Baxwayisa umphakathi abaqoliwe

2017-05-24 06:00

ABESILISA baseMgungundlovu baxwayisa ngomkhonyovu abathi uqhutshwa owesilisa othembisa ngemisebenzi kwelinye lamafemu enza okhaphethi ngaphandle kwedolobha.

USphamandla Ndlela nomngani wakhe uMsizi Madondo bathi baluthwe yilona wesilisa obethembise ukuthi uzobafaka emsebenzini.

“NgoLwesihlanu olwedlule udadewethu uthole ucingo oluvela komunye umngani wakhe emtshela ukuthi kunomuntu amaziyo othe unomngani onolayini wokufaka abantu emsebenzini kulefemu. Sithe uma simfonela lomlisa wasitshele ukuthi kufuneka abantu abazoqala efemini entsha ezovulwa kodwa kufanele sikhokhe oR700 umuntu ngamunye ukuze ezosenzela izinto zibe lula njengoba kuzoba khona nezivivinyo ezizobhalwa,” kuchaza uNdlela.

Uthe lomlisa ozibize ngo “Isaac Khumalo” umtshele ukuthi akathumele inombolo yakhe kamazisi kanye negama nesibongo ukuze ezomnika i-reference number.

“Ubuze ukuthi sinazo yini izitifiketi zikamatikuletsheni wabe esethi asithumele imininingwane yethu nge-fax yena uzobe esebuyela kuthina.”

Uthi ngempela babuyelile kuyena wabe esethumela imiyalezo ngomakhalekhukhwini wabatshela ukuthi abayofaka imali kwesinye sezitolo ungakashayi u4 ntambama besebenzisa uhlelo lweMoney Market wabanikeza ne-pin ekufanele bayisebenzise uma befaka lemali.

“Sihambile sayoyifaka imali sathi uma simfonela wasitshela ukuthi asifike ngakusasa[NgoMgqibelo] khona emsebenzini wakhe.”

UMadondo uthe sebesendleleni lomlisa wabatshela ukuthi okungcono abafike ngoMsombuluko. “NgoMgqibelo wasitshela ukuthi umuntu asebenzisana naye ngaphakathi akekho ngakho kungcono sibuye ngoMsombuluko ngezithuba zawo 9 ekuseni.”NgoMsombuluko uthi nembala bavukele khona kodwa bathe uma befika bangamthola lomlisa. “Sizamile ukumfonela wathi ucela simlinde konogada esangweni.

Sibone kudlula amahora amabili engaqhamuki saphinde futhi safona kodwa izingcingo zethu bezingasabanjwa.

Okusiphatha kabi ukuthi nemali esamfakela yona kwakungeyokugcina njengoba singabantu abangasebenzi.” Labalisa bathe bafuna ukuxwayisa nabanye okungenzeka baluthwe yilomlisa ukuthi bangalokothi bamfakele imali ngoba uqola abantu.“Ngibona ukuthi wenze lokhu ngoba azi ukuthi abantu bayiswele kangakanani imisebenzi futhi bangenza noma ngabe yini ukuthi bathole umsebenzi.”

Ngesikhathi intatheli yaleliphephandaba ithinta lefemu obambe ucingo uphikile ukuthi kunefemu yabo entsha ezovulwa. Uphinde watshela intatheli ukuthi akekho umuntu amaziyo osebenza ngaphakathi ozibiza ngo “Isaac Khumalo”.

UNdlela noMadondo bathe bazohamba bayovula icala. Intatheli ye-Maritzburg Echo nayo izamile ukumthinta ngocingo uIsaac Khumalo izenza umuntu ofuna umsebenzi kodwa wayitshela ukuthi uzobuyela kuyona. Ithe isimshayela okwesibili ucingo lwakhe bese lukhala lungasabanjwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.