Bayokhokhelwa mhla kubusa yiphi inkosi abomdlalo ‘Umkhonto Wabantu’

2016-07-20 06:00

KUYAMANGAZA okwenzeka kweminye iminyango kahulumeni futhi kubi kakhulu, Ngicabanga ukuthi izingqalabutho ezifana no Oliver Tambo, Chris Hani kanye nabanye abazebawushiya lomhlaba bengasawadlanga amandla abo basebenza kanzima ukuba le- Ningizimu Afrika ibe ilokhu eyikho namhlanje. Noma badlula emhlabeni bengasawabonanga kwaleyonkululeko ngiyacabanga ukuthi bahamba imiphefumulo yabo inokujabula,ngoba konke kwasekucace bha ukuthi izwe liyobuswa ngentando yeningi futhi sihlomule sonke.

Mhleli engikhala ngakho kulengosi yakho engaconsi phansi, Ilendaba yamaciko ayekhala ngokungakhokhelwa emva kokuthi esesebenzile. Lamaciko indaba yawo yaphuma kulo leliphephandaba lodumo ngonyaka odlule ngenyanga kaNovember. Amaciko abekade eyingxenye yomdlalo weshashalazi engicabanga ukuthi kufanele ngabe unesasasa elikhulu kabi njenga manje. Njengoba sibheke okhethweni lomasipala, ngoba phela lomdlalo ubuveza ubuqhawe babaholi kanye nomlando wenhlangano ebusayo lapha eMzansi nakwaZulu-Natal. Lomdlalo ububizwa ngokuthi “Umkhonto Wabantu” ebesiwuthulelwa imfenendala Communications.

Okuxakayo ukuthi ilona ihhovisi likaNdunankulu esatshelwa ukuthi lizobhekana nezindleko zokukhokhelwa kwethu singamaciko. Manje lithuli lithini kukhulunywa ngalo? Kuyavela ukuthi abaphathi be Mfenendala benza isicelo sokuxhaswa kwalomdlalo kwihhovisi likaNdunankulu ngaleso sikhathi bekusabambe uMhlonishwa Senzo Mnchunu. Odabeni olwashicelelwa kulo leliphephandaba lodumo (ECHO) okwatholakala ukuthi sashawa ngemfe iphindiwe sathenjiswa ukukhokhelwa izindleko ngokomsebenzi esiwenzile ngoAugust wonyaka ofile (2015). Kuthe ngokungenzeki kanjalo kwaba nokudonsisana sekufanele sikhokhelwe njengokwesithembiso, futhi kwasayindwa phansi (contracts), kodwa okuxakayo abaphathi beMfenendala baveza ukuthi akusayindwanga izinkontileka kodwa kwaba nezivumelwano ezasayindwa phans nje kuphela. Mina lithi emi kanti yini inkontileka? Kodwa- ke! Asikho lapho, futhi singevule isikole sokuchaza lokhu okwashiwo iMfenendala Communications.

Kuzwakele ukuthi cha intatheli yephephandaba lakho Mhleli yahamba iyocosha uhlangathi

Lwendaba ehhovisi likaNdunankulu. Okwatholakala uMnumzane Thami Ngwenya (Speaker) owagcina ngokuthi usazoluhlolisisa loludaba futhi enze nophenyo. Kodwa asikaze sizwe ukuthi uphenyo lwa Mntimande lwangcina phi? Ngabe lokhu kuchaza ukuthi leMfenendala inamandla okusho okungekho ngehhovisi likaNdunankulu? Cha lendaba isandinga ukufakelwa izibuko, kuningi okungahambi kahle kuleli-hhovisi.

anonymous

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.