Bazitapele esitolo sowokufika eMbali

2017-03-15 06:04
PHOTO:nokuthula khanyileIncwadi eyayimema osomabhizinisi bendawo emhlanganweni.

PHOTO:nokuthula khanyileIncwadi eyayimema osomabhizinisi bendawo emhlanganweni.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSOLWA udlame olubhekiswe kwabokufika eMbali e-2 emuva kokuthi abantu bezitapele esitolo sowokufika ngoLwesithathu olwedlule.

Kubikwa ukuthi kulesigameko abantu batape impahla engalinganiselwa ku R25 000 bantshontsha nesamba semali elinganiselwa ku R7000 esitolo sika Abaynhe Alemehu ongowokufika wasePakistan ngoba osomabhizinisi bakulendawo bethi akaphume aphele.

Lesigameko siqinisekiswe okhulumela amaphoyisa asePlessislaer uKapteni Musa Ntombela othe kuboshwe abasolwa abathathu emuva kwalesigameko abavele enkantolo ngoMsombuluko.

Ngokusho kuka Alemehu ekhuluma ne-Maritzburg Echo izinkinga zakhe ziqale ngoNovemba nyakenye lapho ezwe khona ngandlebenye ukuthi usomabhizinisi bendawo abangaphansi kwenhlangano Imbali Business Owners babambe umhlangano wokudingida udaba lokubaxosha endaweni.

“Sabona ngeziqeshana zamaphepha ayebhalwe ngesiZulu emema osomabhizinisi ukuba baphelele emhlanganweni obungoDisemba wokudingida udaba losomabhizinisi bokufika abangenisile endaweni. Thina asizange simenye kulomhlangano noma saziswe ngawo,” kusho uAlemehu.

Isimemo salomhlangano esasisatshalaliswa ilenhlangano endaweni leliphephandaba lisibonile.

“Amabhizinisi ethu ayafa. Sicela osomabhizinisi abadayisayo bahlangane mhlaka 1 Disemba eholo laseMbali ukuzoxoxa ngokuncipha kwamabhizinisi ngenxa yamaPakistani asengene endaweni,” kusho isimemo.

Losomabhizinisi onezitolo ezimbili esinye esakhelene nesiteshi samaphoyisa kulendawo uthe emva kwalowomhlangano babe sebenikwa izincwadi ezivela kuyona lenhlangano baziswa ukuthi bayonikwa izinyanga ezintathu kuphela ukuthi baqhubeke nokusebenza endaweni ngoba abasadingeki.

“Basitshela ukuthi ekupheleni kukaFebhuwari kufanele sibe sesihambile endaweni ngoba sibabulalela ibhizinisi. Ngisola ukuthi umona nje owenza konke lokhu ngoba bebona amabhizinisi ethu eza kahle.Okubadinayo ukuthi thina asinankinga nokudayisela abantu ngamanani aphansi siphinde sibakweletise uma imali bengenayo. Thina sikubona kuwukusiza umphakathi lokho kodwa bona bathi ukubulala ibhizinisi.”

U-Alemehu uphinde watshengisa leliphephandaba enye incwadi yokugcina abathunyelelwa yona ekuqaleni kukaFebhruwari ibakhumbuza ukuthi mhlaka 2 Mashi kufanele babe sebephumile endaweni.

“Kulencwadi satshelwa ukuthi lenhlangano yalabosomabhizinisi izozivakashela zonke izitolo zosomabhizinisi bangaphandle iqinisekise ukuthi izitolo zabo ziyavalwa. Bathi uma lokhu kungenzeke angeke bakuqinisekise ukuphepha kwethu.”

U-Alemehu oseneminyaka elishumi ehlala kuleli uthe unesiqiniseko sokuthi isigameko sokuthathwa kwempahla esitolo sakhe kwakungesona isenzo sobugebengu kodwa kwakuwudlame olubhekiswe kuyena ngoba engowokufika.

“Sengiyasaba ukubuyela eMbali ngoba kuyangicacela ukuthi angiphephile. Okungiphatha kabi ukuthi nginawo amaphepha angigunyaza ukuthi ngihlale kuleli ngakho akufanele engabe ngiyaxoshwa endaweni.”

Losomabhizinisi uthi okubuhlungu kakhulu ngalesigameko ukuthi zonke izincwadi zalenhlangano zinesitembu sekhansela okusho ukuthi zithatha lezinqumo nalo.

Libuzwa ngalesigameko nokuthinteka kwalo ikhansela uCaiphas Ndawonde liqinisekisile ukuthi liyalwazi udaba lokunganami kosomabhizinisi bakulendawo.

“Bekufika osomabhizinisi bendawo ngokuhlukana kumina bekhala ngokwanda kwabokufika. Ngibe sengithatha isinqumo sokubiza umhlangano nomasitende okuyibona abaqashisele abokufika izindawo zokusebenza. Kulomhlangano osomabhizinisi bathatha isinqumo sokuthi abokufika abanezitolo endaweni bahambe.“

UNdawonde uthe wafaka izincwadi ezathunyelwa kwabokufika isitembu sekhansela ngoba lenhlangano yosomabhizinisi ingakabi nalo ihhovisi esebenzela kulo.

“Ngabacela ukuthi uma sebebaxosha bangabalwisi kodwa benze yonke into ngokuthula futhi bangacekeli phansi impahla. Ngiyakuphika ukuthi yilabosomabhizinisi abangaphansi kwalenhlangano abazitapele esitolo kodwa kube ngamaphara angena ngoba ebona ukuthi losomabhizinisi uyaxoshwa endaweni.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/News
 

Play with your pet when you're not at home

Many pets are alone at home during the week while their owners are at work. So what do these animals get up to while they’re home alone?

 
 

Paws

How to get rid of fleas
12 Cool cat facts
Chocolate can be fatal for dogs
Spider-man star's adorable relationship with his dog
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.