Bazothathelwa izinyathelo abazithathela umhlaba

2017-05-10 06:01

UMASIPALA waseMsunduzi uthi uzobathathela izinyathelo ezinqala labo abahambe bethatha umhlaba ngokungekho emthethweni ngoba bethi badayiselwe ngabathile.

Lokhu kulandela isigameko sangoLwesihlanu noMgqibelo lapho abantu bengene khona endaweni yaseGrange bazisikela indawo abazokwakha kuyo ngokungemthetho.

Ngokusho kokhulumela umasipala waseMsunduzi uThobeka Mafumbatha lokuthathwa komhlaba kuqale endaweni yaseRidgepark emgaqweni uSkhumbuzo Ngwenya, abanye bangena eHeroes Arch kanye naseMason’s Mill.

“Kuboshwe abantu abalinganiselwa ku 30 abatholwe emhlabeni kamasipala akade belungiselela ukwakha kulendawo ngokungemthetho. Amaphoyisa abophe laba kwaphinde kwashaqwa nezimoto zabo ebezikulendawo.”

UMafumbatha uthe umasipala usuthole ulwazi lokuthi kunabantu abathile asebeqale umkhonyovu wokudayisa umhlaba kamasipala.

UMafumbatha uveze ukuthi sekuphele cishe iminyaka eyisithupha umasipala ubhekene nenkinga yabantu abazithathela umhlaba.

“Sithanda ukuxwayisa abantu ukuthi lokhu abakwenzayo akukho semthethweni. Abayeke ukuthenga umhlaba okanye bazingenele kuwona ngokungemthetho ngoba bazobhekana nengalo yomthetho,” kusho uMafumbatha.

“Noma ubani oyotholakala kulezindawo uyoboshwa futhi nemoto yakhe ithathwe kuze kuphothulwe uphenyo,” ephetha.

Khona manjalo abantu abangu 11 bavele kafushane enkantolo eMgungundlovu ngoLwesibili.

Laba bebebhekene namacala amathathu, elokuphula umyalelo wenkantolo, elokungena kulendawo ngaphandle kwemvume kanye nelokuphula umthetho ovimbela ukuhlala endaweni ngokungemthetho.

Abayisishiyagalolunye badedelwe ngebheyili kwase kuthi ababili abangabokufika baseMalawi bona bagcinwa esitokisini kuze kuqinisekiswe ukuthi banamaphepha okuba kuleli.

Abavele phambi kwenkantolo kube ngu Thobile Xaba, Gugu Mkhize, Mvelo Msweli, Zwelithini Mtolo, Zwelakhe Ntanzi, Lucky Khumalo, Hector Molefe, Mthobisi Mhlongo, Mzwandile Ndamane, Peterson Banda no Makina Sanga.

UXaba noMkhize badedelwe ngebheyili kaR300 kwase kuthi abanye abayisithupha bona banikwa ibheyili ka R500 umuntu ngamunye.

UBanda noSanga abangokudabuka eMalawi bagcinwe ezitokisini kuze kube baveza amaphepha okuthi banazo izimvume zokuba kuleli.

Imantshi uVeruschka Premrajh iyalele uBanda no Sanga ukuba balethe izimvume zabo ukuze bezonikwa ibheyili.

UBanda utshele inkantolo ukuthi yena ubeqashwe njengomakhi ngesikhathi eboshwa bekungeyona indawo yakhe.

“Nginayo imvume kodwa izophelelwa isikhathi ngoAgasti kulonyaka,” kusho yena.

Icala lalaba bobabili lihlehliselwe umhlaka 15 May kwase kuthi elabakuleli lona lahlehliselwa umhlaka 13 June.

Kwelinye icala elifana naleli kuboshwe abanye abantu abangu 90 eThornville ngokungena ngokungemthetho emhlabeni kamasipala. Laba abavelanga enkantolo kodwa leliphephandaba lithole ukuthi badedelwe ngesexwayiso.

Isakhamuzi saseGrange esikhulume naleliphephandaba sithe angeke bakuvumele ukungena kwalabantu bagxumeke imizi yabo.

“Labantu behlisa amanani emizi yethu ngalemijondolo abafuna ukuyigxumeka futhi ngeke size sikuvumele lokhu. Akukona okukuqala into enjengalena yenzeka ngoba sike sayivimba naphambilini.”

Lesakhamuzi sithe sebehlangene bakha isigungu esizolwisana nabantu abafika ngokungemthetho kulendawo bagxumeke izindlu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Makeover saves dog’s life

Lucky Charlie got a complete make-over that helped him get adopted.

 
 

Paws

For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.