Hamba kahle Ndozlin

2016-09-28 06:00

Mhleli

Uzoyithola kanjani uhleli ekhoneni. Angikhohlwa la ngiphuma khona.

Indoda ingawa namhlanje kusasa iphinde ivuke. Mama umthandazo wakho ungenze ngaba nonkosikazi.

Umculo weKwaito udume kwabaningi njengongenamyalezo, ophindaphinda into eyodwa futhi engakhi. Kodwa lamaculo kaMandoza esingawabale ngenhla amenza waba ngomunye wabaculi baloluhlobo abahluka kakhulu ngoba wahlanganisa amacwecwe anemiyalezo eyakhayayo nephilisayo futhi negqugquzelanayo. EMzansi kusiphindile lokho esesikujwayele kokulahlekelwa amaciko ethu esiwathandayo nekubukela kuwona izingane zethu ezikhulayo njengoba kulale iqhawe uMandoza aka MDZ aka Ndozlin aka Nkalakatha uGodoba woqobo umfokaDonga lamavuso.

Yebo cishe thina esilandela lomculo besazi kusukela ngonyaka odlule ukuthi akaphathekile kahle neze kodwa besinethemba elikhulu lokuthi uzosinda njengoba futhi ubeseyinsizwa esencane nangeminyaka. Mina ke ubengichaza kakhulu mangabe edlala bukhoma ngoba ubenza isiqiniseko sokuthi awuyikhaleli imali yakho. Kodwa ke ngifuna ukubalula umcimbi owawuse Oval eMphithi lapho umphathi wohlelo okwakungu Phumlani ‘Big Pun’ Dube owawuhlanganise zonke izinhlobo. Ngaphambi kokuba kungene uMDZ kwangena uDanny K kodwa izihlwele zabamhlophe azizange zitshengise ukumthakasela ngaleyondlela.

Kwathi masekungena yena abamhlophe bagxuma baze balenga ezinsimbini ezazivimbele ukufika kubaculi phambili ngendlela ababesangene ngayo izingoma zakhe. Engakuqaphela ukuthi akuyona yodwa iNkalakatha ababeyithanda kodwa kuzona zonke babegxuma. Hhayi savele samangala nabangane bami ukuthi kanti zinani lena ehlukile izingoma zakhe.

Ngikhumbula amanye amazwi omunye owayenguzakwethu omhlophe athi ‘Anginendaba noma ngabe uthi izinja abelungu uMandoza kwiNkalakatha kodwa iyangichaza’.

Hamba ngokuthula Mduduzi Shabalala! Ngicela nabomakhwelane bami (uMama uMaXaba nobaba uNgwane) abadlule belandelana kulelisonto balale ngokuthula.

Mfanafuthi ‘Jika Pantsula’
Nzuza

ESIGINGQINI

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.