I-Sadtu iyaziqhathilula kweyokwehla kwemiphumela kamatikuletsheni

2016-01-27 06:00

INYUNYANA yothisha i-South African Democratic Teachers Union (Sadtu) iyaziqhathulula ezinsolweni zokuba nesandla ekwehleni kwezinga lemiphumela kamatikuletsheni ka-2015 KwaZulu-Natal.

Lokhu kuvezwe obhekelele izindaba zabasenzi kule nyunyana ophikweni lazwelonke uNksz Otty Sibiya, ngenkathi amalunga esiShayamthetho KwaZulu-Natal nezikhulu zoMnyango wezeMfundo bevakashele ezinye zezikole zamabanga aphezulu eHowick ngesonto eledlule.

Ekhuluma kwesinye sezikole uSibiya uthe sekuyinsakavukela umchilo wesidwaba ukuthi kugxekwe le nyunyana njengenyunyana enkulu, mayelana nokungahambi kahle ezikoleni, ikakhulukazi ngemiphumela kamatikuletsheni.

Uthe: “Njengenyunyana siyezwa emithonjeni ehlukene yezindaba kugxekwa thina ngokwehla kwezinga lemiphumela kamatikuletsheni. Siyaziqhelelanisa nakho konke okubi okushiwo ngale nyunyana. Le nyunyana igxekwe kakhulu ngokuthi amalunga ayo iwona aletha uthuthuva ezikoleni eziningi kulesi fundazwe. Siyikhathalele imfundo yezingane zethu, yingakho namalunga ethu efundiswa ngokubaluleka kokuhlonipha isiko lokufunda.

“Yingakho nasezikoleni eziningi eziphethwe othishanhloko abangamalunga ethu, imiphumela ijwayele ukuhamba kahle. Kulo nyaka sizothula izinhlelo zokuthuthukisa imiphumela kamatikuletsheni ezikoleni ezingenzanga kahle zakulesi fundazwe.

“Lezi zinhlelo asihlosile ukuthi zisize kuphela lezo zikole ezingenzanga kahle, kepha nezikole jikelele.”

Ngonyaka odlule uNgqongqoshe wezeMfundo eyisiSekelo kuleli uNkk Angie Motshekga ugxeke le nyunyana ngokugxambukela ekuphathweni kwezemfundo, kulandela uphenyo ngezinsolo zokudayiswa kwezikhala zothisha nothishahloko izinyunyana. Ngokombiko awethula, ungqongqoshe wakhala ngokuthi izinyunyana zigxambukela ekulawulweni kwezemfundo, okugcina sekuba nomthelela omubi ezikoleni ngengoba kugcina sekuphazamiseka nabafundi.

USibiya uthe lolu hlelo lokuthuthukisa imiphumela luzomenyezelwa maduze njengoba kusafanele bathintane nezinhlaka ezihlukene.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.