I-Safa nezinhlelo zokukhuculula inkohlakalo kwi-ABC Motsepe League

2017-03-15 06:04

INHLANGANO ephethe nengamele ibhola eMzansi i-South African Football Association(Safa)iyafunga iyagomela ukuthi izimisele ukukhuculula ukungcola nokukhohlakala okwenzekayo nokuqhubekayo emazingeni ebhola aphansi.

I-Safa ithi okwenzeka kwi-ABC Motsepe League sekuthanda ukufana nomdlavuza obulala ibhola lesizwe futhi kufanele kuthathelwe izinyathelo ngokushesha.Ngokubuka kweSafa, i-ABC Motsepe League isibeyihlazo isikhathi eside ebholeni laseMzansi futhi lenkohlakalo eqhubekayo kufanele ithathelwe izinyathelo ngokushesha.

Lenhlangano ikubeka kucace bha ukuthi kusobala nakunoma ubani futhi kuyaziwa ukukhohlakala phakathi kwezikhulu zamakilabhu nonompempe baleligi.

Phela abagcina bedle umhlanganiso kwiABC Motsepe League bake badlulele kwiNational First Division (NFD) kanye nesigidi samarandi (R1 Million).

Kuke kuthi emva kokusongwa kwe-ABC Motsepe League bese kuba nokuqhudelwana kwazo zonke izifundazwe(National Play-Offs).

Lapho kusuke kunephuzana bonke oshampeni abaqwaqwade wonke umuntu ezifundazweni eziyisishiyagalolunye.

Ngendlela okwenzeka ngayo nangendlela lomkhoshosho osuqhubeke ngayo isikhathi eside, i-Safa ithi kufanelwe kusukunywe ngokushesha futhi kusheshe kucace ngezinyathelo ezizothathwa ukukhipha izikhohlakali.

Isikhulu seSafa uDennis Mumble uthe lenhlangano yazi kahle ngokwenzekayo futhi bazimisele ngokuqeda lomkhuba omubi ngokushesha.

Lesikhulu sithi angeke lento bayilwe bodwa kodwa kuzomenywa namaphoyisa ophiko lo-Klebe kanye nezinye izazi zomthetho.

UMumble ubuye wacela abanto noma ofakazi abazi ngalamahlazo noma lomkhoshosho balethe ubufakazi babo kuSafa ukuze lomkhuba uqedwe.

“Sizimisele ngempela ukulwa nokuqeda lomdlavusa osuqhubeka isikhathi eside ebholeni lethi ikakhulukazi kulesigaba seligi. Sesiqalile ukuhlanganis izinhlaka ezinye esizosebenzisana nazo ukuze kuboshwe ekufanele baboshwe.

Iqiniso lithi izaphula mthetho kufanele zazi ukuthi amahlathi aphelile manje futhi angeke bakwazi ukubaleka,”kusho uMumble.

UMumble ubuye waveza ukuthi onempempe nosomugqa abangaphansi kukaSafa sebezophoqeka manje ukuthi basayisiniswe amaphepha okufunga ngokuthembeka nanongazimbandakanyi nemikhuba enje.

“Kufanele bazi ukuthi uma bengayibiki imikhuba nemikhoshosho enje eyenzeka ebholeni lethu, nabo bangaboshwa futi kuyicala.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.