I-Santaco idumele ngenhlekelele yengozi edlule nabagibeli

2017-08-30 06:00
Isithombe: SithunyelweInhlangano i-Santaco ithe sekutholakale ukuthi lelikhumbi belingagunyaziwe ukuthwala umphakathi.

Isithombe: SithunyelweInhlangano i-Santaco ithe sekutholakale ukuthi lelikhumbi belingagunyaziwe ukuthwala umphakathi.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

AYAVEVA amalunga emboni yezokuthutha ngamatekisi, i-SANTACO (South African National Taxi Council) emva kwengozi eyenzeke kwaXimba ngezikathi zehora leshumi ngeSonto, ngomhlaka 20 ku-Agasti, nedlule nabagibeli abangu-19.
Okhulumela i-Santaco uMnu. Mandla Mzelemu uthe: “Lemoto sekutholakale ukuthi ayigunyaziwe ukuthwala umphakathi nokuqinisekiswe nguSihlalo weMlaba Mkhizwana uMnu. Msawenkosi Sibisi ukuthi ayikho ngaphansi kukaSosesheni,” kusho yena.

Uthe inhlangano ithanda ukudlulisa ukuzwelana nabashiywe izihlobo zabo, njengoba kudlule abantu besifazane abangu-19 kube kuyinyanga yabo, inyanga ka-Agasti, nokusho ngokusobala ukuthi imindeni eminingi ilahlekelwe ngoba omama abamisa imizi.

“Ngodaba lwemoto siyinhlangano ethutha umphakathi siyanxenxa ukuthi uma abagibeli benohambo abayeke ukuthatha imoto kamakhelwane kepha baxhumane noSosesheni.

Abantu mabebona ikhumbi lokho akusho ukuthi itekisi, ngoba itekisi iba neCOF, amaphephamvume okuthutha umphakathi kanti nomshayeli uba nePDP. Itekisi liphinde libe nomshwalense okwenzela ukuthi uma abagibeli bengena emotweni bavikeleke. Siyacela abagibeli baqashe izimoto ezisemthethweni ezitholakala koSosesheni njengoba benamahhovisi abasebenzela kuwo,” kusho uMnu. Mzelemu.

Uqhube wathi inhlangano icela uMnyango weZokuthutha uqinise umthetho wokubopha emgwaqweni ukuze abashayeli bezoyeka ukulayisha ngokweqile baphinde bangabi nezimfanelo zokuthutha umphakathi. “Sicela bame ukubhala amathikithi ngoba iyaqhubeka imoto uma isidlulile kubo idale ingozi, lezimoto sicela bazithathe.

Umthetho uyaxega kuleSifundazwe sakithi, sicela amaphoyisa azithwale izimoto ezingenamaphephamvume ngoba yizona ezibulala abagibeli bethu,” kusho uMnu Mzelemu.

Uthe umphakathi oqasha imoto unalo ilungelo lokufuna ukubona amaphepha emoto nawomshayeli ngaphambi kokuba baqashe imoto.
“Uma imoto ingagunyaziwe ukulayisha umphakathi ngesikhathi kufakwa izicelo kwa-RAF abagibeli abakhokhelwa uma belimala. Uma imoto ilayishe ngokweqile, umgibeli owengeze isibalo esingavumelekile uthathwa njengongekho emotweni ngoba akakwazi ukufaka isicelo sesinxephezelo.

Abagibeli banalo ilungelo lokwenqaba ukuba imoto ilayishe ngokweqile, uma beba nenkinga bayabika kubaphathi basemarenki noma emahhovisi oSosesheni, siyimboni yamatekisi asihambisani nokusetshenziswa kwezimoto ezingaphephile nokulayishwa kwesibalo eseqile kwesifanele,” kusho uMnu. Mzelemu.
Ngokwembiko, umshayeli waletekisi usesibhedlela kanti ugadwe amaphoyisa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/News
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.