Ibambene ngezihluthu ku-Safa noMashaba

2017-01-25 06:02
PHOTO:safa.net UShakes Mashaba

PHOTO:safa.net UShakes Mashaba

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ZININGI izinkomba ezitshengisa ukuthi kuningi okusazokwenzeka phakathi kwe Safa no Ephraim “Shakes” Mashaba.

Umoya oshubile nezinkinga kanye nokuthathelana izinyathelo zomthetho phakathi kowaye ngumqeqeshi weBafana Bafana uMashaba neSafa kusekude ukuphela.

Kulezinsuku uMashaba uvutha bhe amalangabi, futhi utshengisa ngokusobala ukuthi ufuna ukufundisa i-Safa isifundo esikhulu ngamalungelo abasebenzi.

UMashaba uze asho nokuthi loludaba lusaya kude noma basekude ukuluqeda.

Ngokusho kwe-Safa uMashaba usethathwa njengongasekho emabhukwini abo njengomqashwa futhi ithi akasale esegwinya itshe.

Izimpukane eziluhlaza ezindizela maduzane namabhilidi akwa Safa ziqagula ukuthi uMashaba akafunwa nangalukhalo obasi bakhe, futhi-ke kuzoba lukhuni satshe ukubuya.

Kubuye kucace ngokusobala ukuthi lenhlangano isihlelela ikusasa ngoba kuleliviki iwuqinisekile umkhankaso wayo wokufuna umqeqeshi omusha.

Okunye okubuye kuqinise izizathu zikaMashaba zokungafuni ukuphonsa ithawula ummeli wakhe uClaudio Bollo ofunga aze agomele ukuthi okwamanje iSafa ayikhohlwe nokuhlwayana nomqeqeshi omusha ngoba kusayiwa kude.

Kodwa okusuka kwaxaka ezinsukwini ezimbalwa ezedlule ukuthi i-Safa ikhiphe isitatimende esithi bazoba nomhlangano nekomiti losomaqhinga ukuze kuqalwe ukubheka ozongena ezicathulweni zikaMashaba.

UMongameli weSafa uDkt Danny Jordaan okwamanje oseGabon ngokomsebenzi we-Caf emidlalweni ye-African Cup of Nation (Afcon) ubhekeke ukuthi khona maduze ahlangane ne-CEO yeSafa uDennis Mumble kanye nekomiti losomaqhinga ukuze lukhulunye loludaba.

“Lomhlangano iwona oyocacisa ngekusasa lalomqeqeshi. Phela kuyobe sekucutshungulwe nombiko wosomaqhinga babaqeqeshi,” kusho enye inxenye yesitatimende sikaSafa.

Okunye okufanele kukhunjulwe ukuthi ibhola laseMzansi lihlale limangaza ngemiphumela yalo, nomphumela walelicala kungenzeka usimangaze uma ungasithusanga.

UMashaba wenqabile ukuphawula ngaloludaba.

Kanti uMumble yena uthe loludaba lusezithebeni zamakomiti aphezulu eSafa futhi luyasetshenzwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/World

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.