IBanyana Banyana izoqala unyaka ngokubabhizi

2017-01-18 06:02
PHOTO: safa.net Iqembu le-Banyana Banyana ekulindeleke ukuba libhekane ne-France emdlaweni wesihle.

PHOTO: safa.net Iqembu le-Banyana Banyana ekulindeleke ukuba libhekane ne-France emdlaweni wesihle.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IQEMBU losisi abadala baseMzansi iBanyana Banyana ibonakala ingeke ilinde umdaka onyakeni omusha nalapho izobhekana neFrance emdlalweni wesihle.

Lokhu kukodwa nje kutshengisa kahle-hle ukuthi abaqeqeshi nabaphathi baleliqembu bazimisele ngendlela exakile ukuthi liphumelele ezinhlosweni abanazo noma baze babe semgathweni njengamanye amazwe asethathwa njengezikhondlakhondla ebholeni labesifazane.

Umqeqeshi osabambile kuleliqembu uDesiree Ellis uthi ukudlala imidlalo yesihle eminingi namazwe ahlonishwayo kwenza abadlali bakhe bafunde lukhulu.

“Ukuhlala udlala nezingwazi kuyasiza ngoba phela nawe ugcina ususemgathweni ocishe ufane nabo. Kanti noma usuya emiqhudelweni usuka usuyazi into oyenzayo, noma-ke usuke usufunde lukhulu,”kusho uEllis.

Osisi abadala baseMzansi bazobhekana neFrance emdlalweni wesihle mhlaka 22 kuMasingana eSaint-Denis, e-Reunion Islands, kanti umdlalo uyoqala ngo 9 ebusuku ngesikhathi saseMzansi.

Lomqeqeshi umemezele abadlali abangu 22 abazomela uMzansi ngesikhathi kudlalwa neFrance. Iningi lalabadlali abakade beseqenjini eladla kwi 2016 CAF Africa Women’s Cup of Nations ayayibanjelwe eCameroon.

Ubuso obubili obusha umdlali weqembu lika SAU20 uGabriela Salgado we-JVW FC kanye noZinhle Chabaku we-Bloemfontein Celtic Ladies FC.

Kanti u-Ellis ube esebiza umdlali wasemuva ongazwile uLebohang Ramalepe. Abadlali abakuleliqembu nabadlala phesheya e-USA uJermaine Seoposenwe, ifolosi nonozinti uRoxanne Barker odlala eHolland.

Umqeqeshi weBanyana Banyana uthi umnyango wakhe uyohlala uvulelike ukwamukela abadlali abasha nabasebancane kodwa akafuni ukujasha izinto.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.