Icala elingecala lingevunywe

2016-11-09 06:01

Ngithi ake ngiphonse itshe esivivanweni ngale ncwadi. Isihloko singezwakala siyindida, vele zonke izimo ezenzeka kule mihla ziyindida. Lapha ngilanda umlando ozovula amehlo kubantu baseMgungundlovu namaphethelo. Ngibhala njengosihlalo wenhlangano emele abahlali eyaziwa ngo (Gera) Greater Edendale Residence Association enomlando ongadida abantu abaningi abangaqapheli kahle hle. Sinabahlali kula maWodi, 15,16,17,19,22.

Yaqanjwa ngonyaka wezi-2009. Yaxhumana nomasipala waseMsunduzi zingama-26 kuNdasa 2009. IMeya ngaleso sikhathi kwakunguNkk Zanele Hlatshwayo. Kwakubonakala ukuthi izakhamizi eziningi zikweleta Amanzi kanye nama “rates” Icala Elingecala laqala lapho-ke. Phela ngokwazi komlobi wale ncwadi, wayengakaze akwelete ngenxa yokuthi izikweleti zazikhokhelwa kwaVulindlela, futhi zenelisa. Izikweleti zazilinganisiwe kuwo wonke. Ukuqala kwempicabadala kwabakhona mhla abahlali bephoqwa ukuba bakhokhe edolobheni “Municipality” ezinyangeni ezimbalwa kwafika izindodla zezikweleti, mina-nje ngafikelwa nguR12 000, Ngingakaze Ngikwelete lutho. Laba yisimukuza ikhanda lami. Ngangithi yimi ngedwa enginalesi sikweleti kanti ngishaye phansi kwashunqa uthuli! Ngenxa yokuthi ngiyindoda enesibindi sengonyama, ngaxhumana nabahlali base 3,CC nase Unit J. Ngenhlanhla lezi zindawo zazenza iWodi eyodwa “Ward 16” Hhayi le mbudane.

Udaba lwethu lwaguduza kubo bonke abaphathiswa abanjengo Mike Tar.

uMnu Sibusiso Sithole I owaziwa ngolikaJobe oyi former administrator. Esekwenzile okwakulingana naye uMeya Hlatshwayo, esevakashelile ehholo lase Unit J, izakhamizi zathi thokola themba amathunzi ayewukela.

UMnu Jobe ngenxa yokuthi wayenobuchule obabuthe thuthu kwezezimali, wafuna ukuyozidelisa ngalezi zikhalo zomphakathi-watheleka nethimba lonke lasemkhandlwini, lathola ukuthi amamitha 1. Agqibekile, 2. Asongekile, 3. Awaxhumekile kahle hle 4. Awatholakali mumo, 5. Abolile, 6. Ayatsaza, 7. Ayamfimfa njll. Kwaba yindab`egudwini nakwamany`amawodi. UJobe wqsephula emlonyeni wengwenya – Umasipala lowo. Incwadi ayiloba emuva kophenyo olunzulu yavikela umphakathi ukuba ungahlukunyezwa ngabammeli kanye nezithunywa zenkantolo. Incwadi yayibalula kabanzi ukuthi ngokuphela kwenyanga kaLwezi 2011, azesulwe zonke izikweleti ezazingamanga adida uSathane. ICALA ELALINGECALA. Bahlali baseMgungundlovu niyazazi izindaba ezenzeka emkhandlwini ma udaba luthinta ukwesulelwa luke lunukise okomzondo. Abahlali base-Edendale namaphethelo ephephandabeni Isolezwe lakukhipha ngokusobala ukuthi imali engango R57.6 million yakhishwa ukusulela abahlali base-Edendale izikweleti zamanzi. abangenalo ulwazi lwalezi zimoso ezisematheni abavuke emaqandeni balwele amalungelo abo eminyakanyaka. Phela konakale mhla uJobe ethola umsebenzi omusha kwelikaBhanana esenguMM, Le ndoda ingumpetha emsebenzini womphakathi, hhay`uNdlela!. Kunamafayela ezikweleti esawathumela ehhovisi lamanzi kepha nanamuhla abakaze baphendule ngenxa yokuthi ammummethe izikweleti zokwakhiwa.

Oke wathi uzama ukwenza amalungiselelo okuhlangabezana nokuphungula umthwalo wobandlululo uvele athomeke amandla.

Nake nezwa kuphi kuthiwa umhlali oyedwa ukweleta ngaphezu kukaR700 000, buzani kuGera nizothola ukuthi ngubani lowo. Namuhla usaphulelwa ngenxa yokuthi wayeNecala Elingecala.

Nxa ezinye izinhlanga zicela isihumusho sobhalo singatholakala ngukhulu ukungananazi. Abahlali bakhungethwe utalatiye.


USihlalo kaGera ongalal
enyathukweni

ZM Hlatshwayo

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

How Hlaudi sold the SABC

2016-12-11 06:01

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.