Idili lomculo wokholo eMgungundlovu

2017-04-19 06:00
PHOTO: nokuthula khanyile Bebejika kanje abathandi bomculo wokholo kwi-In His Presence Gospel Concert.

PHOTO: nokuthula khanyile Bebejika kanje abathandi bomculo wokholo kwi-In His Presence Gospel Concert.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INDLALELE izinkonzo zePhasika i-In His Presence Gospel Music Festival ebise Royal Showgrounds e-Olympia Hall ngoLwesihlanu ebusuku.

Le-festivali ebiphethwe uSya Mhlongo woKhozi FM ibihlelwe oGatsheni Entertainment kanti iqalwe ngabefundisi abahlukene abethule izintshumayelo ngamazwi ayisikhombisa.

UDr Tumi, ongene endimeni yezomculo wokholo ngonyaka owedlule ungene esteji kwachwaza inkundla. Ushaye amanoni akhe okubalwa Nothing Without You, No Other God, Forgive nezinye. Usukumise zonke izihambeli zadumisa kanye naye kwazise ubengomunye wabaculi abebebhekwe ngabomvu.

Kanti ovale inkundla kube intokazi yaseGoli uLebo Segkobela naye ongene abantu basukuma bama ngezinyawo. USekgobela uqhulule amanoni akwi albhamu yakhe ethi “Restored”. Ushaye amanoni akhe okubalwa Lion of Juda, Theko Ya Lona, Moya kanye nezinye.

UDumi Mkokstad naye uqhulule amanoni akhe adume ngawo maqede wabiza uJumbo ukuba azomjoyina esteji. Laba bachaze abaningi ngesikhathi beqhulula amanoni kaLundi Tyamara kanye noSfiso Ncwane abangasekho.

Abawina uMgungundlovu Talent Search ngonyaka owedlule uSandile Ntombela noLindelani Mkhize nabo bangene esteji bakhombisa ukuthi kungani banqoba lomncintiswano.

Umcimbi, obuwenziwa okwesikhombisa kulonyaka ubudle ngabaculi abanamava.

Kubaculi abashaye into ephakeme kube uNathi no Nkanyiso, Women of Praise kanye ne-In His Presence Choir. Abathandi bamculo baphoxekile ngesikhathi bezwa ukuthi u-Andile kaMajola angeke esacula njengoba bekuhleliwe. Umphathi wohlelo uMhlongo utshele izethameli zalomcimbi ukuthi uMajola usasuka eStanger.

Umlandeli okhulume ne-Maritzburg Echo uzwakalise ukuphoxeka kwakhe.

“Siphoxeke kakhulu ngokuthi sithenjiswe u-Andile kaMajola kodwa agcine engafikanga.”

Phakathi kwabantu akade behambele lomcimbi umhleli wamaCrown Gospel Awards uZanele Mbokazi – Nkambule nomyeni wakhe uBishop Mpendulo Nkambule, uSomlomo kumasipala wesiFunda saseMgungundlovu u-Edward Dladla, imeya kumasipala waseMsunduzi uThemba Njilo, uNobhala we-ANC esifundazweni uSupa Zuma kanye noBrigadier Mandla Gwala,

Umhleli walomcimbi uSthe Gatsheni uthe bajabulile ngendlela ifestivali ehambe ngayo.

“Sijabulile ngokuthi abantu baphume ngobuningi babo bezodumisa kanye nathi. Yize ngingakabheki e-Computicket ukuthi sidayise amathikithi amangaki kodwa babebaningi kakhulu abantu ababephumile bazokweseka umcimbi okukhombisa ukukhula kwawo.”

UGatsheni uthe naye uphoxekile ngokungafiki kukaMajola.

“Ngangikhulumile naye u-Andile ngoLwesihlanu waqinisekisa ukuthi uyeza kodwa wagcina engafikanga kwafika ibhendi yakhe kuphela. Ngisazoke ngimfonele ngizwe ukuthi kwenzekani.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

/News
 

Perfect dog-walking 1: Why dogs pull on the lead

Some dogs go mad the minute they see the leash, drag their owner out the door and once outside start spinning, leaping about and pulling their humans off their feet.

 
 

Paws

SA stats: The role of pets in families
The top 6 poisonous foods for your pet
Does your dog have separation anxiety?
Fascinating facts about dogs
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.