Idle umhlanganiso kuma-awards imbongikazi yase Elandskop

2017-10-11 06:02
Isithombe:SithunyelweImbongikazi uBongeka Mafahleni ohlomule indondo ye-Best Poetry kumcimbi wama Capital Maskandi obungoMgqibelo odlule.

Isithombe:SithunyelweImbongikazi uBongeka Mafahleni ohlomule indondo ye-Best Poetry kumcimbi wama Capital Maskandi obungoMgqibelo odlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IDLE umhlanganiso kuma KZN Capital Maskandi Awards imbongikazi yase Elandskop igama layo okungu Bongeka Mafahleni (23).

Ama-awards abengoMgqibelo mhlaziyi 30 kuSepthemba ehholo lomphakathi eCaluza kanti uMafahleni uthole indondo emkhakheni we-Best Poetry.

“Sekungokwesibili ngidla umhlanganiso kuwona lama-awards. Ngonyaka odlule ngathatha izindondo ze-Best Poerty Message ne-Reciting, ukuhhaya inkondlo,” kusho uMafahleni.

Uthe ukuqokelwa indondo kulama awards kumuvulele amathuba amaningi.

“Ngakwazi ukuya emazweni angaphandle njengaseSwaziland, ngaphinde ngaya nakwezinye izifundazwe njengaseMpumalanga kanye naseKapa lapho kwakwiyimincintiswano eyahlukahlukene,” kusho yena.

Uqhube wathi ngokuhamba kwesikhathi ugcine eqokwa njengenxusa lenhlangano ebizwa ngokuthi iButho Theater okugcine kumuhambisa ezweni lase Reunion Island.

UMafahleni uthe ukuba yimbongikazi yinto ayiqale ngo-2008 esafunda isikole egqugquzelwa othisha bakhe.

“Kodwa ngangingazi ukuthi engikwenzayo kwakungukuhhaya inkondlo mina ngangithi ngethula inkulumo yami ngezwa ngothisha esengitshela ukuthi yinkondlo,” kusho uMafahleni.

Uthe emva kwalokho ubesengenelela imincintiswano eyahlukahlukene nayo ayedla umhlanganiso kuyona.

“Ngonyaka ka-2012 ngathola ithuba lokuya phesheya kwezilwandle ngenxa kwenkondlo engayiloba mina,” kusho yena.

Ngokusho kwakhe yize eseke wahambela amazwe angaphandle naphesheya kwezilwandle zonke izinkondlo zakhe zibhalwe ngolimi aluncela ebeleni.

Uqhube wathi akagcini ngokuba yimbongikazi kuphela njengoba aphinde abe ngumqeqeshi wohlobo lomdanso obizwa ngokuthi i-Contact Improvisation.

“Lomdanso ngawufundiswa yingcweti yomdanso yaphesheya kwezilwandle ezweni lase-Germany okunguMnu. Bernd Nappe. Kodwa ukuba yimbongikazi yikhona engiziphilisa ngakho kakhulu,” kusho uMafahleni.

Ekhuluma ngokuhlomula kwakhe indondo kowe KZN Capital Maskandi, uMafahleni uthe ujabule kakhulu kanti ubonga bonke abantu abamuvotelile.

“Ngithanda nokubonga amasonto wonke ngokuhlukana kwawo ase Elandskop nezikole ebezenza imicimbi zingivotele kakhulu kanti ngifisa nokubonga nabafundi bala engifunda khona eMsunduzi TVET College,” kusho yena.

Akusiyona indondo yakhe yokuqala ayitholile kulonyaka njengoba kukhona namanye amabili asewazuzile.

“Eyokuqala iButho Theater eyesibili i-SAPD yaseMpumalanga okwakungeyokunguhlonipha njenge Ciko,” kusho uMafahleni.

Uthe zikhona izinkondlo zakhe eziqoshiwe kodwa ngenxa yezimo ahlangabezana nazo zabantu abathi bazomu siza ngokuthi akhiphe icwecwe lakhe kodwa begcine bedlale ngaye useze wadikibala.

“Abanye babeze ngezinhloso zabo ezithize kumina. Kodwa ngiyakholelwa ekutheni uyoqhamuka umuntu oyoba neqiniso angisize ekwenzeni icwecwe lami ngoba baningi abantu abalilangazelelayo,” kusho yena.

Uzichaze njengembongikazi ethinta umhlaba wonkana ngoba ibhala ngezehlo abantu ababhekana nazo.

“Ngiyabhala nangeze politiki ngibuye ngibhale nangokuqondene nathi uqobo. Ezinkozweni nakhona ngike ngihhaye izinkondlo zami ezivame ukukhuluma nabantu abadala njengale eyokuqala engadla ngayo umhlanganiso kuma Capital Maskandi angonyaka odlule isihloko sayo esithi ‘Angizikhethelanga’,” kusho uMafahleni.

Uthe kulonyaka isihloko senkondlo yakhe adle ngayo umhlanganiso sithi ‘Sawbona Sitha Sami,’.

“Kodwa abantu basalangazelele le yangonyaka odlule,” kusho yena.

Uthe uyaqasheka ukuthi ezohhaya izinkondlo zakhe emicimbini enjenge mishado kanye neminye eyahlukahlukene kanti uphinde aqashwe ukuthi aphathe uhlelo kuyo yonke imicimbi.

“Abantu abakwazi ukungisiza kakhulu ukuthi ngiphumelele uDokotela Lee M. beno Dokotela uNgubane kanye nomama u-Connie we ‘Connie’s Kitchen’, noma kunzima kangakanani yibona abantu abasakwazi ukuthi kuvikelwe isithunzi samaciko aseMgungundlovu, siyahlonishwa ngaphandle ngenxa yabo, abantu laba engingafuni ukulahlekelwa yibo ngoba baseluleka besibhekise neqiniso lendlela yokuphila,” ephetha. Lembongikazi inekhasi lika Facebook elibizwa ngokuthi Bongeka Mbongikazi Mafahleni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Sport
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.