Ikhiphe isidumbu i-Wunga

2016-08-17 06:00
PHOTO: nokuthula khanyile Umcamelo onegazi otholakale endaweni yesigameko.

PHOTO: nokuthula khanyile Umcamelo onegazi otholakale endaweni yesigameko.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUSHONE oyedwa ngesikhathi amadoda angaziwa evulela ngentululwane yezihlamvu kwabesilisa abathathu ngeSonto ebusuku endaweni yaseMbali e-BB.

Kulesigameko esingundabuzekwayo kulelilokishi kushone uMnuz Bhekizizwe Mbatha (30) endaweni yesigameko kwase kuthi omunye igama lakhe esiligodlile walimala kanzima waphuthunyiswa esibhedlela, owesithathu yena waphuma engenamiyocu.

Osindile ongathandanga igama lakhe lidalulwe ngoba esabela impilo yakhe, uthe usathuthumela emuva kokubona abangani bakhe bedutshulwa. Uthe bebesanda kungena endlini ngezithuba zehora le 11 ebusuku ngesikhathi kuthushuka amadoda amathathu evulela ngenhlamvu.

“Ngicabanga ukuthi bese bevele besilalele unyendle ngoba bayazi ukuthi isikhathi esiningi sihlala kulendlu. Bavele baqhamuka basikhomba ngesibhamu basingenisa endlini nokuyilapho besole khona uBheki ngokuthi uphuce umfana othile iWunga. Uthe esathi uyachaza uBheki bavele bamdubula washona.”

Uthe badubule uBheki babe sebedubula nomngani wakhe yena ongeniswe esibhedlela esesimweni esibucayi enamanxeba ayisikhombisa okudutshulwa.

“Ngisizwe ukuthi ngibaleke ngiphume ngomnyango wangemuva. Ngisinde ngoba mhlampe bebazi ukuthi bengingathinteki kulendaba akade bekhuluma ngayo yokuphucwa komfana iWunga.”

Lomlisa uthi emuva kokubaleka ukwazile ukumemeza omakhelwane kwabe sekufonelwa amaphoyisa. Lona ophuthunyiswe esibhedlela i-Maritzburg Echo ithole ukuthi usesimweni esibucayi esibhedlela kodwa usephapheme kanti kulindeleke ukuba adluliselwe kwesinye isibhedlela eThekwini.

Umnikazi womuzi lapho kwenzeke khona isigameko nongumama wosindile uthe usekude ukuyikhohlwa into ayifice emzini wakhe, “Angikaze ngiyibone into enje, ngifice igazi ligcwele yonke indawo nezinhlamvu nazo bezicoshwa phansi. Okubuhlungu ukuthi sihlale sibakhuza labantwana ngale-Wunga yabo kodwa bangalaleli.”

Okhulumela abosizo oluphuthumayo bakwa ER24 uChitra Bodasing uthe bafike endaweni yesigameko uMbatha esevele eseshonile.

“Sithe uma sifika oyedwa ubesevele esedlulile emhlabeni kanti owesibili yena ubenamanxeba amaningi okudutshulwa wabe esephuthunyiswa esibhedlela.

Okhulumela amaphoyisa ase-Plessislaer uKapteni Musa Ntombela usiqinisekile lesigameko wathi kusolwa ukuthi izisulu beziphuce abafana thizeni iWunga. “Kusolwa ukuthi ingxabano iqalwe ngabafana abaphucwe iWunga nabahambile bayobikela abanye babe sebebuya behlomile bavulela ngenhlamvu kulaba.”

UNtombela uthe amaphoyisa aphenya icala lokubulala kanye nelokuzama ukubulala kanti bekungakaboshwa muntu ngalesigameko.

Ngesikhathi leliphephandaba lihambele umndeni wakwaMbatha awuthandanga ukuphawula. Uzwakalise ukungenami ngokungathintwa amaphoyisa ngesikhathi okwenzeke ngaso lesigameko njengoba uthi uze wathola umbiko ngoMsombuluko ekuseni.

“Wona lamaphoyisa anjani angakwazi ukubiza umndeni uzothatha isidumbu sawo, kwenziwa yini ukuthi isidumbu size siyolala emakhazeni singabhaliswanga kodwa sibe saziwa ukuthi esakwabani,” kuvuka ngolaka ozibize ngogogo kamufi nobe esexosha intatheli.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Land reform model fizzles

2016-09-25 08:24

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.