Ilukhuni indlela ye-Sundowns

2016-10-19 06:00

NOMA izinto zibukeka sezihlangene noma zihamba kahle ngesikhathi iqembu laseMzansi iMamelodi Sundowns ifinyelela kowamanqamu ngokuhlula iZesco United ngo 3-2, kodwa izazi zebhola zithi leliqembu kuzofanele

ligawule libheke. Iqiniso lithi abafana Ba Style kufanele bazi ukuthi iZamalek angeke ize ibe lula. Kuzofuneka abadlali baleliqembu lasePitoli badlalele ukufa. Umgadli owayedlubulendela kusale kwasani ngala nangala futhi awashaye amagoli kumnyama kubomvu uJerry Skhosana owayedlalela i-Orlando Pirates uthi abadlali baleliqembu kufanele baqine ngazozonke izindlela.

USkhosana uthi iZamelek izozela ukudlalela ukufa nokuphila kanti bazozama wonke amaqhinga ukuwina.

“Kuzofanele badlalise okwamadoda noma bavele bahlanye enkundleni. Okunye okufanele kubacacele ukuthi ayikho into elula kwiCaf,”kusho uSkhosana.

Phela iSundowns izobhekana namaGibhithe kowamanqamu e-CAF Champions League, kanti umlenze wokuqala uzobe useLucas Moripe Stadium ngoMgqibelo. Kanti izeluleko ezivela kowayengukaputeni we-Orlando Pirates u-Edward

Motale uthi kofanele iSundowns ithele phansi amaphaphu idlale ibhola layo elijwayelekile. Umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane uthe kuzofanele abadlali bonke bazi ukuthi ukubhekana neZamalek kuzoba akuzokuba lula. UMosimane uthi okufanele bakwazi ukuthi bazobe bemele iNingizimu Afrika yonke, nokuwina kobe kusho ukuthi ifulegi lesizwe sonke lime ngokuqina futhi umhlaba wonke uyalibona.

“Bonke abantu baseMzansi kanye nabadlali kufanele bazi ukuthi lomdlalo wamanqamu weCaf Champions uthinta isizwe sonke.Ukudla umhlanganiso kulokhu kuzosho lukhulu ezweni lethu,”kusho uMosimane.

Umlenze wesibili uzoba seCairo ngasekupheleni kwalenyanga ephezulu.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.