IMaritzburg United ingahamba kahle eKapa

2016-11-23 06:01

IQEMBU laseMphithi nelingamanye aKwaZulu Natal i-Maritzburg United kungenzeka ihlabane ekuhambeni eKapa.

Phela iTeam of Choice izobhekana ne-Ajax Cape Town ngalo Mgqibelo kusihlwa ngo 8:15pm.

Okwamanje kubukeka sengathi izinto azikahambi kahlehle kuma Urban Warriors(Ajax Cape Town)emva kokushiya komqeqeshi wabo uRoger De Sa kungalindele muntu.

Izimpukane eziluhlaza zithi lomqeqeshi wacikwa yimibuzo yabaqashi bakhe ngokulokhu bembuza bemhleli nasebhampini bethi kanti izinto zizoshintsha nini ngemiphumela.

Okwamanje kuma-Urban Warriors kusabambe uStanley Menzo kanti usizwa uMich d’Avray.

Uma izinto zazo izihlele kahle iMaritzburg United kanti nabacebo abo ephumelela ngoba phela i-Ajax isaphefumula ngenxeba elisha, abafana baseMphithi bangabuya namaphuzu agcwele.

Isikhulumi seTeam of Choice uBrian Zuma uthi uhambo lwaseKapa angeke lube lula kodwa bazimisele ukuya khona bafike badlalise okwezingwazi zoqobo.

“Uhambo lwaseKapa luhlala lulukhuni, kodwa thina angeke sibheke izinto eziningi ngoba siyela ukuyolwela ukuwina,”kusho uZuma.

Kanti elinye iqembu laseKZN eThekwini iLamontville Golden Arrows yona izobhekana neHighlands Park ekuhambeni eMakhulong Stadium ngeSonto.

Umqeqeshi weArrows uClinton Larsen uthi omakoti beligi, iHighlands Park bazoba ingozi emaqenjini amaningi ngoba phela sebeqeqeshwa owake waqeqesha iBafana Bafana kanye nomqeqeshi olazi kahle ibhola namasiko aseMzansi uGordon Igesund.

“Ngokwami lomdlalo uzoba nzima kakhulu ngoba phela lomqeqeshi wangikhosha iminyaka eminingi ngisadlala ngaphansi kwakhe kwiManning Rangers,”kusho u Igesund.

Kanti umdlalo ozomisa wonke uMzansi uzoba phakathi kweMamelodi Sundowns neKaizer Chiefs ngoMgqibelo eLoftus Versfeld Stadium ngo 3.30pm.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.