Imidlalo ye-Telkom Knock Out ingashintsha ukudla etafuleni

2016-11-09 06:01

UMQHUDELWANO ovamise ukuxaka iningi lamaqembu amakhulu i-Telkom Knock Out ingaphinda futhi ixhele abaningi.

Ngendlela izinto ezibukeka ngayo nangendlela imidlalo ehlewe ngayo kungenzeka kuphoxeke iningi labalandeli bebhola eMzansi.

Kusobala-ke ukuthi yonke imidlalo ye-TKO kulokhu ibonakala izoshuba futhi idale ukugedla kwamazinyo nokukhala kwabaningi.

Imidlalo elandelayo yamakota fayineli ibukeka ilukhuni kowo wonke amaqembu nokho iconsisa amathe kubalandeli bebhola laseMzansi.

Umdlalo ozihola phambili ngokushuba nokuveza ngokusobala ukuthi kuzobe kuhlehle kukikize nofishi ophakathi kweMamelodi Sundowns neSuperSport United.

Lamaqembu awasePitoli womabili kanti ukuhlangana kwabo kuhlala kuqhuma nhlavana kubemnyama emini futhi kuvalwe nangomuntu emnyango ngendlela ekugcwala ngayo.

ISundowns iqhathwe nomakhelwane iSuperSport United emva kokuhlula iPolokwane City ngo 2-0 emdlalweni obuse Lucas Moripe Stadium.

Lapha iSundowns ibukeke isashisa bhe futhi ingabambeki emva kokuwina nokuhlula iZamalek ekuhambeni eGibhithe kwifayineli yeCaf Champions League.

Kulomqhudelwano amaSandawana iwona avikela isicoco njengoba adla iKaizer Chiefs ngesizini edlule.

Umqeqeshi weSundowns uPitso Mosimane uthe noma ezakhe zibukeka zikhathele emva kwemidlalo ye-Caf Champions League kodwa kuzofanele zikhombise ukuthi zingoshampeni base Africa futhi bangajabula ukuyivikela inkomishi abayiwina nyakenye.

UMosimane uyavuma ukuthi ukuhlulwa yi-Cape Town City ngo 2-1 kwiligi ngempelasonto kubathusile kodwa-ke kufanele kukhunjulwe ngendlela abake bagqilazeka ngayo.

“Awukho umdlalo olula kwiCaf Champions League, kanti nokuhlala uhamba uya ngaphandle kuyawuhlukumeza umzimba. Mina angifuni ukukhala yingakho ngithi asiqine futhi sidlalise okwamaqhawe. Abadlali bami ngiyabathemba ukuthi bazobuye bahlangane babe yimbumba, asikhumbuleni singakhohlwa oshampeni phela laba,” kusho uMosimane.

Umqeqeshi weSuperSport United uStuart Baxter uthi yena ubheke umdlalo olukhuni gnendlela eyisimanga, neqembu eliyowina eliyobe linenhlanhla.

“Kulukhuni kwasatshe ukuqagula umphumela uma kuhlangane lamaqembu ikhakhulukazi emidlalweni yezinkomishi njengeTKO.”

Kanti iChiefs yona izobhekana neFree State Stars eMoses Mabhida Stadium.

AmaBhakaBhaka wona azobheka nomakoti beligi iHighlands Park

e-Orlando Stadium.

Isiyonke imidlalo yeTKO imi kanje:

NgoMgqibelo, 5 kuLwezi

Baroka FC vs Cape Town City – Peter Mokaba Stadium – 3pm

Mamelodi Sundowns vs SuperSport United – Lucas Moripe Stadium – 6pm

Orlando Pirates vs Highlands Park – Orlando Stadium – 8pm

ngeSonto, 6 kuLwezi

Kaizer Chiefs vs Free State Stars – Moses Mabhida – 3pm

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.