IMthethomusha izomela iKZN kowamakwaya

2017-06-21 06:01
ISITHOMBE: mAKHOSANDILE ZULUIkwaya yabafundi babafana besikole samabanga aphansi iMthethomusha izomela iKZN kumcintiswano wamakwaya iMotsepe SASCE Foundation eGoli ngenyanga ezayo.

ISITHOMBE: mAKHOSANDILE ZULUIkwaya yabafundi babafana besikole samabanga aphansi iMthethomusha izomela iKZN kumcintiswano wamakwaya iMotsepe SASCE Foundation eGoli ngenyanga ezayo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IKWAYA yabafundi babafana besikole samabanga aphansi iMthethomusha, esizinze e-Edendale, izomela isifundazwe saKwaZulu-Natal kumcintiswano wamakwaya iMotsepe SASCE Foundation eGoli ngomhlaka 4 kuNtulikazi (Julayi).

Umculisi walekwaya, uLinda Gama, owaqala ukuhola ikwaya yesikole ngenkathi efika kusona ngonyaka ka-2000, uthe ujabule kakhulu ngalokhu ngoba sekuphele iminyaka emine lesikole sagcina ukufinyelela kuleli zinga kulomcintiswano njengoba kusukela ngonyaka ka-2000 kuze kuye koka-2012 besihlezi sifinyelela ezingeni likazwelonke.

“Besesigcina esifundazweni kodwa sasesihlalaphansi njenge sikole sazitshela ukuthi kumele kube khona esikwenzayo, kumele senze ubulungiswa, nakhu ke go-2017 uNkulunkulu usesenzele umusa,” kusho uGama.

Uthe ikwaya ibisebenza kanzima ihlanganyela esikoleni njalo ngezimpelasonto nangamaholide izilolongela ukufeza inhloso yayo yokufinyelela kwizinga likazwelonke kulomcintiswano.

“Sifisa ukubuya nayo, sifisa ukubuya nayo impela, ibuye ize ekhaya eKZN ngoba asisazihambeli njenge sikole sesihambela manje isifundazwe sonke ngakho siyafisa ukuthi nje sibuye nayo,” echaza.

Kumanje ikwaya yesikole, eyalala isibili esifundazweni kwisigaba sengoma enqunyiwe eyasentshonalanga yaphinda yaphuma indawo yesithathu kwisigaba se-preamble, imatasatasa izilungiselela ukuyoqophela ukuvela kumdlalo kamabonakude owaziwa ngokuthi Imizwilili.

“Ngemva komcintiswano kazwelonke sizobe sesilungiselela ukuyoqopha i-CD yesikole.

Sibonga imeya uMnu. Themba Njilo ngalokhu ngoba uyena owasondela kuthina ngemva kokusibona sicula komunye umcimbi ayesimeme kuwona ngakho wayesefisa ukuthi isikole sibe ne-CD lesikole,” kusho uGama.

I-Soloist yekwaya yabafana uKabelo Rigala, umfundi ka-grade 5 oneminyaka eyishumi nanye (11), uthe ukuphumelela kwabo esifundazweni kanye nethuba lokuyoncintisana namanye amakwaya ezingeni likazwelonke kuyamuthokozisa kakhulu.

“Ngijabulile ngoba angikaze ngicabange ukuthi singafika kulelizinga esikulona manje kanti futhi konke lokhu imiphumela yokuzinikela kwethu sizilolonga ngezimpelasonto nangamaholide,” kusho uKabelo.

Uqhube ngokugqugquzela ontanga bakhe wathi kumele beqhubeke nokuzikhandla, besebenze kanzima kunoma yini abayenzayo futhi bengavumeli imibono engemihle ukuthi ibaqede amandla.

“Uma ungumculi kumele ulalele umculisi wakho, nalabo abakwezemidlalo ngokunjalo nabo kumele belalele abaqeqeshi babo, ukulalela kubalulekile kakhulu ngakho wonke umuntu kumele alalele futhi enze lokhu atshelwe khona ukuthi kumele akwenze,” kusho- yena.

UGama uthe ukwesekwa uthishanhloko wesikole, isigungu esingamele isikole (SGB), ubuholi besikole, othisha basesikoleni kanye nabazali bezingane kudlale indima ebalulekile ekutheni ikwaya iphumelele ngalendlela futhi ifike kwizinga ekulona kulomcintiswano.

“Ngifisa nokubonga uMnu. Linda Ngcobo osebenza kaSAPS, ubenegalelo elikhulu, kanye noMnu. Sfiso Mthalane waseThekwini, ongumdlali wepiyano, nguyena owasifaka ugqozu ikakhulukazi kulomucu esizoya nawo eGoli ukuthi asiqhubeke siwenze.

Nawo wonke umuntu obambe iqhaza, obeseka isikole sethu sithi nje siyabonga,” kusho yena.

Uthishanhloko wesikole, uMnu. Msizi Gumede uthe uyaziqhenya ngokuthi ikwaya yabafana izomela isifundazwe kumcintiswano kazwelonke.

“Njengezingqwele sijabule ngendlela eyisimangaliso ikakhulukazi ngoba umculo yinto esayiqala ngonyaka ka-2000 saya impela iminyaka ilandelana kwizinga likazwelonke kodwa ke besekuphele iminyakana emningana sagcina ukuthi siyoncintisana kwizinga likazwelonke,” kusho uGumede.

Uthe lokhu kusho ukuthi ikwaya yabafana baseMthethomusha izoqhakambisa igama lesikole futhi iphakamise ifulege lesifundazwe.

“Ngithanda ukubonga kakhulu njengo thishomkhulu wesikole uLinda Gama obezinikela ngamaholide nangezimpelasonto, obesengasalali ezama ukuthi labantwana beqeqesheke ukuze bezokwazi ukuphumelela.

Isikole sijabule kakhulu, egameni lesikole nasegameni le-SGB nabantwana nomphakathi wakwaMachibisa sithi phambili Mthethomusha phambili,” ephetha uthishomkhulu uMnu. Gumede.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.