Incwadi ebhalelwe izisulu zokuhlukunyezwa

2017-07-26 06:02
Isithombe: SithunyelweUmbhali wencwadi ebhalelwe ukugqugquzela izisulu zokuhlukunyezwa uLindiwe Khumalo nomsebenzi wakhe wokuqala isihloko sawo esithi The Untold Story of an African Child a Victim of Abuse.

Isithombe: SithunyelweUmbhali wencwadi ebhalelwe ukugqugquzela izisulu zokuhlukunyezwa uLindiwe Khumalo nomsebenzi wakhe wokuqala isihloko sawo esithi The Untold Story of an African Child a Victim of Abuse.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMBHALI wencwadi isihloko sayo esithi The Untold Story of an African Child – A Victim of Divorce, uLindiwe Khumalo wase Imbali uthe ngalomsebenzi wakhe unethemba lokuthi abazoyifunda bazokwambuleka amehlo ngobunzima bempilo.

“Lencwadi ibalulekile ngoba ifundisa umuntu ukuthi kumele abhekane nobunzima obuba sendleleni yokuphumelela kwakhe. Okwesibili ukuthi kungekudala sifunde ngemibiko yokuhlukunyezwa kwezingane nabesifazane behlukunyezwa abantu ababathandayo nababathembayo, lencwadi ingusomlomo wabesifazane nezingane ezihlukumezekile,” kusho uKhumalo.

Uthe lencwadi iphinde icijise izingane zabafana ngokuthi kumele zibhekane kanjani nezinkinga zokuthandana nobudlelwano nabantu kanti futhi iphinde ivule imiqondo yabantu abahlukumezanayo ukuze bezobona ukuthi abantu besifazane nezingane abasiyona impahla yokuqinisekisa nokweseka abantu besilisa.

“Lencwadi ikhuluma ngezifundo engizitholile empilweni. Ibhalelwe ukuthi ngikhulume ngenkululeko yasebunganeni bami, izinhlungu zokukhula zasebusheni bami ezangishiya ngisesimeni esingesihle ukufinyelela enkathini yokuba mdala okube neziqephu zokuhlukunyezwa, isehlukaniso, ukukhulisa abantwana bami ngingedwa, impumelelo kanye nezimiso zemindeni. Lencwadi iqondiswe kubantu besifazane nezingane,” kusho yena.

Ngokusho kwakhe uKhumalo lencwadi uqale ukuyibhala ngonyaka odlule ngenyanga ka-Okthoba kanti uze wayiqeda ngoMeyi kuwona lonyaka. Uthe abantu abafisa ukuyithola lencwadi bengaxhumana naye ekhasini lika-Facebook elithi Book For Sale @lindiwejkhumalo, noma ku-Pinterest noma ku lindiwejkhumalo@gmail.com noma ku 078 919 4709 noma ku Instagram ku @lindiwejkhumalo. Kodwa uthe okwamanje ubhekane nenkinga yokuthola uxhaso lokuyisakaza izwe lonke.

“Kusukela eminyakeni eyishumi edlule benginawo umuzwa wokuthi kumele ngibhale ngempilo yami kodwa bengilokhu ngihlangabezana nezinkinga njengoba bengisendaweni lapho ebengihlukumezeka khona ngapha futhi ngibhekene nobunzima bokukhulisa amadodana ami amabili ngingedwa. Kodwa okungithokozisa kakhulu ukuthi kubona bonke ubunzima umuntu eseke wabhekana nabo amadodana akwazile ukuthi athole imfundo njengoba omdala eseqede ezomthetho kanti lomunye naye usebangeni lemfundo ephakeme,” kusho uKhamlo.

Uthe izifundo ezibalulekile ezitholakala encwadini yakhe ukuthi ukubekezela kunomvuzo omuhle, nokuthi konke kungafezeka ngoNkulunkulu kanti futhi lencwadi igqugquzela abantu besifazane nezingane ukuthi bephokophele phambili ngisho bebhekene nezinkinga zempilo.

Uqhube wathi umuntu obemukhuthaza ukuthi ayibhale ayiphothule incwadi yakhe ngumama wakhe odlule emhlabeni ngenyanga kaJuni.

“Ngaphambi kokudlula kwakhe emhlabeni ubeseyifundile imibhalo yami kodwa ngeshwa akayibonanga incwadi yona uqobo lwayo,” kusho uKhumalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Buying a puppy? Don’t get scammed!

Hundreds of complaints are filed every year from victims who were scammed when buying a dog online.

 
 

Paws

WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
11 animals before and after they were adopted from shelters
Competition pet grooming – creative or too extreme?
5 Celebrities who are afraid of animals
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.