Indida kodutshulwe esemzini wakhe eGrange

2017-02-01 06:02

ASHAQEKILE amalungu omphakathi wase The Grange emuva kokudutshulwa kubulawe owesifazane wakulendawo emzini wakhe ku-Langford Road ngoLwesibili ekuseni.

Ngesikhathi i-Maritzburg Echo ihambele kulendawo omakhelwane bebesayikhulumela phansi indaba yokudutshulwa ngesihluku kuka Nkk Ntokozo Xulu (48), okuthiwa ungenelwe umlisa ongaziwa wamdubula amahlandla amabili ekhanda washonela kusofa egumbini lokuphumula.

Ngesikhathi leliphephandaba lihambele umndeni wakwa Xulu lifice amalunga amabili omndeni wakhona abeqoqa izimpahla endlini nathe awanalo igunya lokukhuluma nabezindaba njengoba umndeni ungakapheleli.

Omunye womakhelwane othi ubekhona kade kwenzeka lesigameko uthe umbonile umufi obengumhlengikazi e-Greys ephuma emotweni yakhe ekuseni kade evela emsebenzini.

“Besizihlalele nje emgaqweni sidlala amakhadi ngesikhathi ngimbona usisi Ntokozo ehla emotweni yakhe ekuseni evela emsebenzini, engikunakile ukuthi akafikanga ngesikhathi ajwayele ukufika ngaso. Uthe mayehla wabingelela njengenjwayelo maqede wakhuluma nogogo wakwamakhelwane wathi esengaphakathi esangweni kwaqhamuka omunye ubhuti nje baba ngengxoxo emfishane maqede usisi wangena ngaphakathi endlini.”

Lomakhelwane uthi kushuthi ngesikhathi benganakile lendoda ebihamba yodwa ijombe uthango yangena ngaphakathi nokuyilapho ifike yadubula khona uXulu obehleli kusofa.

“Sikuzwile ukuqhuma kwesibhamu kodwa sanganaka ngoba besingazitsheli ukuthi ngabe sekudutshulwa usisi uNtokozo. Kushuthi siqhume kancane ngoba nabanye omakhelwane abaseduze bathe abezwanga lutho. Ngisho esehamba lomlisa udlule phambi kwethu eshaya kancane futhi asizange sinake ngoba besingazitsheli ukuthi ngabe esenze into efana nalena.”

Uthi emuva kwesigameko babone ngomfawobaka mufi ephuma ngesamagundane endlini ejombela kwamakhelwane wabe esephumela kubona emgaqweni ebacela ukuthi bafonele amaphoyisa ngoba sekudutshulwe udadewabo.

“Umfowabo uthe ubesegumbini lakhe lokulala ngesikhathi ezwa kuqhuma isibhamu ngaphakathi endlini. Emuva kwalokho uthi uzwe sekukhala isango wakwazi ukuthi aphume ngasekhishini wajombela kwamakhelwane wabe esecela usizo. Sikwazile ukuthi sizame ukumjaha nabanye abafana basendaweni kodwa ubalekile wabe esengena emotweni yohlobo lwe-VW Polo emnyama ebimlindile yabaleka yashona ngase France.”

Lomakhelwane uthi ngaphambi kwalesigameko leli-Polo balibonile lizulazula kulomgwaqo kodwa banganaka. Uthi ngisho omunye umlisa wabebehamba ngalo uphumile wayothenga ugwayi esitolo esikuwona lomgwaqo.

“Asikwazanga ngisho ukuthatha i-number plate yayo lemoto kade simjaha lomlisa ngoba bese ikhishiwe futhi nathi sisabile ukusondela eduze ngoba labantu bekusobala ukuthi bahlomile.”

I-Maritzburg Echo ihoshe ukuthi uNkk Xulu ubulawa nje ubesephezu kwezinhlelo zokwehlukanisa nomkhwenyana wakhe kanti ubenabantwana ababili.

Abezimo eziphuthumayo bakwa ER24 babike ukuthi bafike endaweni yesigameko emuva kwehora lesishiyagalombili ekuseni.

“Sifice owesifazane enenxeba lokudutshulwa ekhanda elele kusofa. Ngesikhathi simhlola ubesevele edlulile eshonile kungasekho okungenziwa,” kusho isitatimende.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uLt Colonel Thulani Zwane uthe okwamanje imbangela yokubulawa kukaXulu abingakaziwa kodwa amaphoyisa ase-Alexandra aphenya icala lokubulala.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/News
 

12 Cool cat facts

Here are some surprising things you may not know about your fascinating feline

 
 

Paws

Chocolate can be fatal for dogs
Spider-man star's adorable relationship with his dog
Do you know what you are feeding your dog?
Watch: Proof animals have souls
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.