Ingabe iChiefs izowagcina amazwi ayo ngoKomphela?

2017-05-24 06:03
PHOTO: kaizerchiefs.comKubukeka busekude ukuphela ubudlelwano phakathi kuka Steve Komphela kanye neqembu le-Kaizer Chiefs.

PHOTO: kaizerchiefs.comKubukeka busekude ukuphela ubudlelwano phakathi kuka Steve Komphela kanye neqembu le-Kaizer Chiefs.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMSUNGULI noSihlalo weKaizer Chiefs uKaizer “Shintsha Guluva” Motaung uthi umqeqeshi wakhe uSteve Komphela akayi ndawo.

UMotaung uthi abantu kufanele bakhumbule ukuthi uKomphela usasalelwe unyaka owodwa kwikontileka yakhe nokwenza bangacabangi ukuvele bamchithe.

Lesisikhulu siyavuma kona ukuthi okwenzekayo manje kwiKhosi kuyihlazo futhi akukaze kwenzeke emlandweni walekilabhu naseminyakeni engamashumi amathathu nesikhombisa selokhu leliqembu lasungulwa.

Uyavuma futhi ukuthi kuthuse wonke umuntu ukungawini ngisho inkomishi noma umqhudelwano owodwa amasizini amabili.

“Ngiyazi okwamanje akekho othokozile, mhlawumbe ngingasho ngithi iningi lethu lisathukile ukuthi ngempela ngempela akukho esikutholile iminyaka emibili ilandelana ? kusho uMotaung.

Uthi kodwa malingenziwa iphutha lokugxeka noma ukubeka umqeqeshi icala yedwa, kodwa kufuneka kutholakale ukuthi inkinga ibilaphi.

“Akusizi ukuvele unqume ukushintshashintsha abaqeqeshi noma yikanjani, kuyayilimaza ithimu. Umqeqeshi wethu usasalelwe unyaka owodwa kwinkontileka yakhe futhi-ke kungabe siyizimpumpethe ukusola umuntu oyedwa ekuhlulekeni kwethu.”

Lesisikhulu esidume ngokudla ukotini nokuzithanda nangokuphatha iqembu lakhe ngobuchule nangobuchwephethe obungandile, uthi ikilabhu yakhe angexe ichithe imali eningi ngesizini ezayo kodwa izoke ithi ukuqiniqinisa emuva.

“Ukulungela isizini entsha akuchazi ukuthi kufanele usebenzise imali noma uyichithe budlabha, kodwa sibheke ukuthi siqinise abadlali bethu basemuva.”

Umlando waMaKhosi uyatshengisa ukuthi uMotaung akuyena umuntu ovamise ukuxosha abaqeqeshi bakhe noma yikanjani noma ngesigubhukani, kodwa yingabe uqinisile yini ukuthi uKomphela akayi ndawo emva kokungawini lutho amasizini amabili, mhlawumbe lokhu akushoyo okwamanje nje?

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

Embracing sustainability in tobacco agriculture

In Sub-Saharan Africa, farming represents a subsistence lifestyle for millions of people. In recent years though, the development of farming into an economic activity has made a real change in how the land is used in providing for the population.

/News
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.