Injabulo ewina imoto emncintiswaneni wakwa Spar

2016-06-15 06:00
PHOTO: Nokuthula khanyile  Owine umncintiswano wemoto ehalaliselwa abaphathi bakwa Spar, kusuka kwesokunxele kuya kwesokudla uIvan Pather oyiRegional Manager e-KZN, kube uJabulani Ncalane owine imoto bese  kuba uAbigial Mhlamvu oyimenenja yakwa Spar eSelgro Centre.

PHOTO: Nokuthula khanyile Owine umncintiswano wemoto ehalaliselwa abaphathi bakwa Spar, kusuka kwesokunxele kuya kwesokudla uIvan Pather oyiRegional Manager e-KZN, kube uJabulani Ncalane owine imoto bese kuba uAbigial Mhlamvu oyimenenja yakwa Spar eSelgro Centre.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IBIBHALWE ebusweni injabulo kuMnuz Jabulani Ncalane (36) wase Scottsville oziwinele imoto emncintiswaneni wakwaSpar.

NgoMsombuluko ekuseni uMnuz Ncalane osebenza eLife Hospital eHilton, unikezwe okhiye bemoto yakhe entsha ceke yohlobo lwe Hyundai i10 Glide izikhulu zakwaSpar ose-Selgro Centre maphakathi nedolobha laseMgungundlovu.

Igama likaNcalane litonyulwe emingenelweni yalomncintiswano engaphezu kuka 500 yabathengi bakulesitolo sokudla selokhu lomncintiswano waqala mhlaka 19 ku Ephreli nonyaka.

Lomncintiswano ungowaminyaka yonke uhlelwe ekomkhulu lakwa Spar lapho linikezela khona ngezimoto ezingu­ 100 koSpar abakhethekile kwabangu 500 kuleli.

Ngijabule kakhulu ngiyaqala ngqa ukuwina into emncintiswaneni futhi bese ngizitshela ukuthi angiyena umuntu onenhlanhla ngoba bengihlale ngingenela kodwa ngingatholi lutho,” kusho uNcalane othe lena imoto yakhe yokuqala.

Uthe abakwa Spar bamuthinte ngocingo esikhathi ngeviki eledlule bemazi ukuthi kutonyulwe igama lakhe.

“Bengingakholwa ukuthi yimina ngempela owinile, ngike ngazitshela ukuthi kungenzeka mhlawumbe benze iphutha kodwa manje uma imoto sengiyibona sengiyakholwa.”

Eqhuba uthe lemoto izomsiza kakhulu njengoba yena nengoduso yakhe behlela umshado wabo.

“Izosisiza kakhulu ngoba ziningi izindawo ekufanele sizihambe, sesizokwazi nokuthi sizitetemukele nje ngayo sihambe nezindawo,” kusho yena ehleka.

Imenenja yakwa Spar u-Abigail Mhlamvu obehalalisela uNcalane uthe lomncintiswano ube yimpumelelo enkulu, “Isasasa belilikhulu ngalomncintiswano. Sibe nen-hlanhla yokuthi uSpar wethu nawo ukhethwe ekutheni uphisane ngemoto. Isikhathi esiningi uma sinemincintiswano abathengi bake bacabange ukuthi sidlala ngabo, namhlanje besifuna bazibonele ukuthi sisuke siqinisile kungekona ukuthi sifuna bathenge impahla.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.