Iqembu lasemzansi alizibekile phansi

2016-05-11 06:00

UMQEQESHI weqembu lesizwe labafana abaneminyaka engaphansi kwamashumi amabili nantathu (SAU23 team) uOwen Da Gama akafuni ukuthatha amashansi ngokuhlala phansi angenzi lutho kodwa ufuna leliqembu lihlale libukhali ngokuzicija nangokudlala imidlalo yesihle esezingeni eliphezulu.

Phela lomqeqeshi obizwa ozakwabo kulezinsuku ngoODG umatasatasa uvivisa ezakhe ukuthi zithi zifika kuma Rio 2016 Olympics ngoAugust bebe besemgangathweni nezinto sezimi ngomumo.

Kulelisonto uDa Gama kanye nenhlangano ephethe ibhola la eMzansi iSouth African Football Association (Safa) bamemezele ngokusemthethweni ukuthi iSAU23 izobhekana neJapan emdlalweni wesihle ekuhambeni ngoJune 29.

Phela imidlalo yamaOlympics eRio ayisekho kude kangakho ngoba izoba ingoAugust futhi-ke kumanjenje amazwe azobe eye khona abhizi ayapheka ayathulula afuna nokuqiniseka ukuthi izinto zimi ngothi.

Phela kuzokhumbuleka ukuthi ngokohlelo noma ngendlela amazwe akleliswe ngayo, uMzansi useqoqweni lokuqala (Group A) nalapho ikhona nabasingathi balemidlalo iBrazil, Iraq kanye neDenmark.

Kanti amaJaphane (Japan) yona ikuGroup B namazwe afana noSweden Colombia neNigeria.

Kanti lemidlalo yamaOlympics iyoqala ngoAugust 3 ize iyophothulwa ngo August 20.

Ngokusho kuka Da Gama uthi yena uyajabula ukuthi ezakhe zizoba zingadlali nje umdlalo wesihle neJapan kodwa kuzobe kuwumqhudelwano ohlonishwayo emhlabeni jikelele ngezinga lawo nodume ngeKirin Challenge Cup ezinkundleni zase Matsumotodaira Football Stadium edolobheni lase Nagano eJapan.

“Ngiyajabula ngalomqhudelwano. Kanti namaJaphane ayiqembu elisezingeni eliphezulu. Ngesikhathi begcina ukubonakala kumaOlympics baqeda phezulu eqoqweni (group) labo. Kukodwa nje lokho kuchaza lukhulu ngabo futhi kuyacaca ukuthi bazosinika umdlalo onzima futhi ababona omashampulana kulemidlalo, kodwa bangamanye amazwe ahlonishwayo.

Yiyoke lento engikade ngiyisho kusukela eqala amalungiselelo ethu ukuthi, uma sifuna ukuzilungiselela ngokuphelele nathi sigculiseke, asidlaleni nezikhokho zamazwe nabakade babeya kumaOlympics,”kusho uDa Gama.

Lomqeqeshi ubuye wancoma uSafa ngokuhlela imidlalo yesihle namazwe afana neJapan ngoba bafuna ukuthi bethi beya eRio bebe sebedlale imidlalo embalwa.

“Ngiyabonga kakhulu kuSafa ngoba phela nathi sifuna sithi sifika kumaOlympics eRio sesithe ukuzwana amandla kaningana namanye amazwe.

Lokho kuzosiza abafana ukuthi bahlale becijile futhi bakwazi abazobheka nakho kumaOlympics.”

Kanti uMongameli weSafa uDanny Jordaan uthe ukudlala neJapan ukufezwa kwezethembiso ezenziwa yinhlangano yakhe nalapho yathi bazoxhasa umqeqeshi neqembu lakhe ngakhokonke abakudingayo ukuze baye eRio bekulungele futhi beqonde njengothi lomkhonto.

“Sasivele sishilo ukuthi siyozama ngayoyonke indlela ukuxhasa noma ukusiza nangoma ngayiphi indlela ikakhulukazi ukuhlela imidlalo yesihle ukuze bahlale besesimweni esihle. Phela bakwethu kufanele singakhohlwa wukuthi yibo futhi labafana abayobe sebedlalela iBafana Bafana kusasa, futhi amaphupho ethu eVision 2022 azofezwa yibona,”kusho uJordaan.

...uma sifuna ukuzilungiselela ngokuphelele nathi sigculiseke, asidlaleni nezikhokho zamazwe nabakade babeya kumaOlympics - Da Gama

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.