Iqokelwe ama-Satma imbongi yaseMgungundlovu

2017-07-26 06:02
Imbongi yaseMgungundlovu u-Eric 'Ntatheli waseMazulwini' Phetha uqokelwe kuma-Satma ka-2017 kwisigaba se-best poet. Isithombe: Sithunyelwe

Imbongi yaseMgungundlovu u-Eric 'Ntatheli waseMazulwini' Phetha uqokelwe kuma-Satma ka-2017 kwisigaba se-best poet. Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBONGI yase Hopewell, u-Eric ‘Ntatheli waseMazulwini’ Phetha uqokwe kumaSouth African Traditional Music Achievement Awards (Satma) ka-2017 kwisigaba se-best poet kanti uthe akangabazi ukuthi uzobuya nayo lendondo okuyinto athe izobuyisa isithunzi sendawo yangakubo.

“Indawo yangakithi yaziwa njengendawo intsha yakhona engazi noma liyaphuma noma liyashona yini, ephilela ukudla izidakamizwa igwazane kanti into engenza ukuthi ngijabule kakhulu kangaka yingoba indawo yangakithi ngokuqokwa kwami isithunzi sayo sesizobuya,” kusho uPhetha.

Ama-Satma azoba banjelwa eThekwini e-Durban ICC kanti abantu abafisa ukuvotela uPhetha bengathumela umlayezo othi SATMA Ntatheli waseMazulwini Best Poet kwinombolo ethi 34066.

Akaqokelwanga ama-Satma kuphela uPhetha ozibongele ngokuzetha undondo ziyamlandela njengoba nakuma-KZN Young Achievers kanjalo nakuma-Crown Gospel awards nakhona eqokelwe ubuchule bakhe bokuhaya izinkondlo.

“Lokhu ngaqala ukaba yimbongi ngo-2008 bengilokhu ngiziqoqela izindondo kwamanye ama-awards asafufusa okwiyinto engazitshela yona ukuthi kuhle ngiqale ngisebenze kulemincintiswano emincinyane ngoba awukwazi ukuqala kokukhulu ugcine kokuncane,” kusho yena.

Uthe umncintiswano wokugcina anqobe kuwona ubuseMbali e-13 obusungulwe ibandla i-Shioh lapho anqoba ngenkondlo esihloko sayo esithi ‘Udlala ngeGeja kuZiliwe’.

“Lenkondlo ikhuluma kakhulu nabantu besifazane abanganasimilo abazi ukuthi abayilutho ngaphandle kwesilisa, abajabulela ukuthi baluthwa ngemali bagibele nezimoto ezinamasondo emhlane bakhohlwe ukuthi ekudleni kwabo imali yesilisa nemizimba yabo iyadliwa futhi iyancipha,” kusho uPhetha.

Kumanje lembongi inecwecwe layo elisha eliphume kuwona lonyaka ngenyanga ka-May isihloko salo esithi ‘Ubumnandi Bevangeli Lensindiso’.

Ngokusho kwakhe uPhetha, ukuba yimbongi yinto ayifumbathiswa uNkulunkulu njengoba nezinkondlo zakhe zibhalelwe ukukhonza uMdali kanti uthe ngisho esesiteji ehaya inkondlo usuke engeyedwa kodwa kukhona uJesu eduze kwakhe.

“Leligama likaNtatheli yigama engaliqanjwa umphathi wangasekhaya e-Hopewell ngenxa yokuthi ngesikhathi ngiqala ukuba kulomkhakha wezinkondlo bengizithanda kakhulu izindaba uma nje kuke kwakhona okwenzakalayo noma kugwazana abafundi esikoleni ngangisondela khona ngibhale ngayo leyonto eyeznakalayo bese kwaba khona abathi ngeke wena kusukela namhlanje unguNtatheli,” kusho yena.

Uqhube wathi usesebenze ezindaweni eziningi ezahlukahlukene kwezinye eshiyelana inkundla nabaculi asebemnkantshumbomvu kanti useke wazwakala nakumsakazo uKhozi FM.

“Abantu esengiphushe nabo iminyaka eminingi ngingabala uSiyabonga Mpungose, uScelo Mpungose, kanye noMzi Mngadi kanti njengamanje ngingaphansi kweqembu elibizwa ngokuthi eThekwini Reading and Writing Club ekwiyona engisebenza kuyo,” kusho uPhetha.

Ebeka awokugcina, uthe empilweni akaziboni enza okunye ngaphandle kokuba yimbongi ngoba uyazifela kakhulu ngezinkondlo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.