Iqokelwe imiklomelo emithathu imbongi esencane

2017-04-12 06:00
Imbongi yase Sweetwaters u-Avela Khawula.PHOTO:supplied

Imbongi yase Sweetwaters u-Avela Khawula.PHOTO:supplied

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

IMBONGI yase Sweetwaters u-Avela Khawula (23) isikuphindile futhi lokho njengoba isethubeni lokuhlomula ngemiklomelo emithathu kuma-awadi ahlukahlukene.

UKhawula uqokwe kuma KZN Poetry Awards ngaphansi komkhakha we Most Special poet, kuma KZN Capital Maskandi Awards kwi-Best Poet kanye nakuma KZN young achievers awards kwi-Best poet.

Ezwakalisa injabulo yakhe uKhawula uthe lokhu kukhombisa ukuthi umsebenzi wakhe uqhubekela phambili.

“Ngicabanga ukuthi ukuwina kwami i-awadi kuMngeni Music Awards ngonyaka owedlule kungivulele amathuba amaningi kakhulu. Ngiyafisa ukuthi abalandeli bami baqhubeke futhi nokungeseka ngibuye nawo womathathu alama-awadi.”

UKhawula ungene emkhakheni wokuhaya izinkondlo ngonyaka ka 2009 ngesikhathi esafunda esikoleni samabanga aphezulu uMsimunde. Uthe ukholelwa ekusebenziseni ithalente lakhe ukukhuluma ngezinto ezithinta umphakathi kanye namaqiniso afihlakele.

“Ngiqale ukugxila kakhulu ekuhayeni izinkondlo kade ngenza uGrade 10. Isikole sami sasinomcimbi wokuvala unyaka sacelwa ukuthi sibhale izinkondlo, eyami yayincoma umsebenzi wothisha futhi yathakaselwa abantu abaningi.”

UKhawula useke wazwakala nasemsakazweni uKhozi FM ohlelweni iBack to My Roots kanti kumanje umatasatasa uvakashela izikole njengengxenye yohlelo lwe-Poetry Live Tour ehambela izikole igqugquzela intsha.

“Sibagqugquzela ukuthi bangahlali phezu kwamathalente abo kodwa basukume bawasebenzise ukushintsha izimpilo zabo. Siphinde sibameme ukuthi babe yingxenye yemicimbi esisuke siyihlelile emiphakathini eyahlukene.

Ukhawula usehaye izinkondlo zakhe ezindaweni ezahlukene okuhlanganisa kwi-Durban Tourism Indaba, ekhonsathini loKhozi FM laminyaka yonke kanye nakwifestivali yasebhishi ye-Motsepe Foundation.

Uthe phakathi kwabantu abamgqugquzelayo kulomkhakha izimbongi zakhona eMgungundlovu okuhlanganisa uGolide, Syabonga Mpungose kanye noBongeka Zuma.

Ngaphandle nje kokugaqela lemiklomelo uKhawula ngoNovemba nyakenye ubemenywe igatsha lentsha kwi-Southern African Development Community ukuba azohaya izinkondlo kwinkomfa yabo eBotswana.

Lembongi iphinde yaphatha imicimbi emikhulu efana ne-Impi annual event eNtulo Lounge khona eSweetwaters.

“Ngokuthola ukwesekwa ngiyethemba ukuthi ngizobuya nazo zonke lezindondo kulemikhakha engiqokwe kuyo.”

Ukuvotela uKhawula kuma KZN Capital Maskandi Awards azoba ngoJuni ungathumela i-SMS ku 45633, i-SMS ngayinye ibiza uR1.50.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

8 great natural remedies for your pet

Tips and tricks to cure your pet’s itches and coughs, naturally.

 
 

Paws

Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
11 animals before and after they were adopted from shelters
Competition pet grooming – creative or too extreme?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.