ISantaco nokuqikelela kokuphepha kwabagibeli

2016-01-20 06:00

IMBONI yezokuthutha ngamatekisi ithutha iningi labagibeli kanti futhi iningi labasebenzisa imigwaqo bayakhalaza ngendlela abashayeli bamatekisi abaziphatha ngayo uma beshayela ngale kokuthobela imithetho yemigwaqo.

Lokhu kuholele ekutheni iSantacoKZN, ekuyiyo ewumlomo wemboni, ithathe izinyathelo ezinqala ukushintsha isithombe semboni ngokulekelela umphakathi osebenzisa amatekisi kanye nabahamba ngezimoto zabo ukuthi baphephe.

Ngokwanda kwezingozi zamatekisi kwabanye kugcina sekudala umunyu ngenxa yemiphefumulo edlula emhlabeni ngenxa yamatekisi. NjengeSantacoKZN singabathuthi bomphakathi kubalulekile ukuthi sidlulise umyalezo kubashayeli besifundazwe sonkana ukuthi abaqikelele emgaqweni, bathobele imithetho yemigwaqo, baphathe kahle abagibeli bese kuthi laba abashayela amabanga amade kakhulu baphumule ngokwanele noma bathole abasizi abazoshintshana nabo endleleni. Inhlangano yobumbano losomatekisi ibone kukuhle ukuba iphume umkhankaso wokwenza isiqiniseko sokuthi abashayeli banakekela abagibeli futhi bashayela ngokucophelela ukuphephisa izimpilo zabagibeli.

Kuzokhumbuleka ukuthi kusukela uqala unyaka uze uyophela kunethimba likaHlokomela elikhona kuzozonke izifunda zakwaZulu-Natal elingama-80 elihlola amatekisi emarenki liphinde lenze nezivimbamgwaqo ukulekelela ekuqinisekiseni ukuphepha. Lolu hlelo lubhekelele ukuhlomulisa umshayeli onenhlonipho, ophatha kahle abagibeli ohlezi enika abagibeli idlebe nohlonipha amalungelo abagibeli kanye nozakwabo.

Ngakho uyanxuswa umphakathi ukuthi ubambe iqhaza ekuvoteleni umshayeli ogcina imiyalelo kanye namalungelo abagibeli, ngokuthi athumele igama elithi “Phepha” kanye nenombolo kamshayeli ku-45233 okubiza inani lika R1.

Lokhu kwenzelwa ukuqinisekisa ukuphepha kanye nokwehlisa izingozi emigaqweni esifundazweni iKwaZulu Natal. Lolu hlelo lugqugquzelwa iSantaco-KZN okuyinhlangano ebhekelela amatekisi.
Ngeminye imininingwane ungaxhumana noMnu Sifiso Shangase ku-0733 004 211.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.