Isijoyinwe yinkakha yamalungelo abadlali iPSL

2016-02-17 06:00

KUBUKEKA sengathi iPremier Soccer League (PSL) isishintshe ukwenza njenges’thothobala esashiwo abantu ezweni bezincokolela.

Le nhlangano yebhola elikhokhelwayo eMzansi isiqoke inkakha endala nesazi somithetho ephathelene nabadlali, uMnu Michael Murphy.

Lokhu kuqinisekwe uSihlalo wePSL u-Irvin Khoza kanye nesikhulu esiphezulu esibambe njengeChief Executive Officer (CEO) futhi esingumphathi weLamontville Golden Arrows, uMato Madlala.

Le nkalakatha yommeli seyazenzela igama uMzansi wonke ngokuqikelela nokuba ingcweti ekuvikelweni kwamalungelo abadlali nezinkampani ezibhekelene nezemidlalo. UKhoza uthe uyajabula futhi uyaziqhenya ukuthi le nkalakatha yezomthetho isijoyine iligi. UMurphy uzophatha noma uzoba yi handa emnyangweni obhekelene nezomthetho kwiPSL (legal head).

“Umnu Murphy uyaziwa noma ubani ngamagalelo akhe kwezomthetho, ikakhulukazi ekulweleni amalungelo abadlali namakilabhu. Siyajabula ukuthi lolu qweqwe selungomunye wabethu, sibheke ukusebenzisana kahle.

“Ufike kahle impela ngoba umuntu onjengaye uyadingeka, futhi-ke wazi kahle ukuthi kwenzekani kulo mkhakha, ikakhulukazi ngebhola noma ngezemidlalo zaseMzansi. Futhi-ke iqiniso lithi besesidinga umuntu ozothatha le nhlangano ayibeke kwelinye izinga,” kusho uKhoza.

UMadlala yena uthe iPSL iyakuthokozela ukufika kukaMurphy emndenini wePSL ngoba mkhulu phela umsebenzi. Uze wathi kufanele kukhumbuleke ukuthi ngaphandle kokusebenza isikhathi eside ebholeni noma nabadlala namakilabhu kodwa nakwinhlangano yomhlaba yebhola iFifa uyaziwa.

Ekhuluma uMurphy uthe uyambonga usihlalo wePSL ngokumnika ithuba lokuthi asebenzele umndeni wePSL, okuyinhlangano ayihlonipha kakhulu. “Ngithokozile kakhulu ngokujoyina le nhlangano enkulu kanje njengePSL. Ngibonga leli thuba engilinikwe usihlalo wePSL uMnu Khoza. Ngizoludinga usizo lawo wonke umuntu engizosebenza naye kwidiphathimente yami.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.