Isikhulu samaphoyisa omgwaqo kwawokuzama ukubulala

2017-01-25 06:02

UFUNA ukufaka umnyango wezokuThutha esifundazweni enkantolo usomabhizinisi waseMgungundlovu othi wadutshulwa yisikhulu esiphezulu samaphoyisa omgwaqo kulelidolobha ngonyaka owedlule.

Losomabhizinisi ongathandanga igama lakhe lidalulwe uthe lesigameko senzeka mhlaka 27 kuJulayi lapho yena nomshayeli wakhe kanye nomgibeli badutshulwa khona.

Ngokusho kwakhe lesigameko senzeka emzini walesikhulu oseRichmond Crest.

“Ngathola ucingo ngabo 7 ebusuku luvela komunye wabashayeli bami engazisa ukuthi kunomgibeli obulale iwindi langemuva kodwa wathembisa ngokuthi ubaba wakhe uzokhokha. Ngabe senginikela endaweni yesigameko ngempela ngamfica lona wesifazane sahamba naye sesibheke eRichmond Crest kubo.”

Uthe endleleni lona wesifazane wabatshela ukuthi ubaba wakhe ongamzali lona ozophatha izindleko.

“Wafika washaya isango kwaphuma umama wakhona wabuza ukuthi kwenzenjani intombazane isingaphakathi thina sime ngaphandle kwesango.”

Uthi bengazelele lesikhulu samaphoyisa omgwaqo saphuma sifake izingubo zokulala sathi “abafazi” ababuyele endlini.

“Ngabe sengithi kuyena sondela mfowethu nawa amacala. Eze kuthina ebonakala ukuthi ubecwila ezinkambini zikaFaro abuze ukuthi ubani oshaya isango lakwakhe elele, sathi siyazama ukuchaza ukuthi size ngani wathi ayikho into azoyikhuluma.”

Uthi emuva kwalokho lesikhulu sathi sizobakhombisa sadonsa isibhamu sadubula sibhekise ngakubona.

“Mina ngadubuleka amahlandla amahlanu, esifubeni, ngashayeka ubudoda bami enye inhlamvu yabhajwa onyaweni kumanje ngifake insimbi. Laba abanye engangihamba nabo bakwazi ukuthi babaleke kodwa umshayeli wami yena wadubuleka esthendeni, umgibeli yena wadubuleka emqaleni.”

Losomabhizinisi uthi ngesikhathi eselele phansi kwawa isibhamu sakhe ayesiphethe lesikhulu samaphoyisa samemeza sathi akulandwe ozankosi.

“Kwabe sekuphuma amadodana akhe amabili aphakathi kweminyaka engu 19 kuya ku 25 ephethe izibhamu zohlobo lwe-LM5 riffle neShot gun ngakhonjwa ngazo ngilele phansi. Engifuna ukukwazi ukuthi izingane zakhe zakwazi kanjani ukufinyelela kulezibhamu zomsebenzi.”

Uthi emuva kokudubuleka kwabe sekuphuma nonkosikazi waso lesikhulu.

“Ngamcela unkosikazi wakhe ukuthi afonele abosizo oluphuthumayo kodwa wathi ngeke afone sesiyohlangana enkantolo.”

Uthi kwabe sekuphuma omunye womakhelwane baso lesikhulu oyiphoyisa kodwa owayengekho emsebenzini bacosha amagobolondo ezinhlamvu maqede bathatha isibhamu sakhe badubula ngaso emoyeni ngaphambi kokuba kufike amaphoyisa ayebizwe endaweni yesigameko.

“Amaphoyisa wawatshela ukuthi besizomhlasela thina. Kwaba nephoyisa eliza kumina lazongibuza ukuthi kwenzekeni kodwa umphathi walo wathi angibekwe icala ngihlonywa mibuzo. Ngempela ngabekwa icala kodwa labuye lahoxiswa.”

Losomabhizinisi uthe ufuna ukumangalela umnyango ngokulimala kwakhe.

“Ngihlale izinyanga ezine ngingasebenzi ngisalulama, bengiwumuntu ohamba isibhedlela ukuze ngizojwayela ukunyathela futhi. Ngahlala esibhedlela izinsuku eziyisishiyagalombili kanti ngiphazamisekile nasemqondweni kanjalo nendodakazi yami nayo yaphazamiseka njengoba ngiwumzali ongayedwana. Okuxakayo ukuthi nomnyango awuzange ummise emsebenzini emuva kwalesigameko ngoba uyingozi emphakathini.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbhele uqinisekisile ukuthi lesigameko senzeka futhi kunamacala avuliwe.

Okhulumela uMnyango wezokuThutha esifundazweni uKwanele Ncalane uthe uMnyango awulwazi loludaba wacela ukuthunyelelwa imininingwane egcwele ngalo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/News
 

Play with your pet when you're not at home

Many pets are alone at home during the week while their owners are at work. So what do these animals get up to while they’re home alone?

 
 

Paws

How to get rid of fleas
12 Cool cat facts
Chocolate can be fatal for dogs
Spider-man star's adorable relationship with his dog
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.