ISilo sihlabe imicimbi ewubukhazikhazi yokubuyisana

2017-03-08 06:03
PHOTO: ian carbuttISilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kade sifika eRoyal Showgrounds sizokwethula inkulumo yaso yokuvula isiShayamthetho sesiFundazwe.

PHOTO: ian carbuttISilo samaBandla uGoodwill Zwelithini kade sifika eRoyal Showgrounds sizokwethula inkulumo yaso yokuvula isiShayamthetho sesiFundazwe.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISILO samaBandla uGoodwill Zwelithini sihlikize eyemicimbi ewubukhazikhazi kahulumeni yokuzama ukuthunga ubumbano kuleli kepha imiphumela yawo ingabonakali.

ISilo besethula inkulumo yaso eyandulela ekandunankulu wesifundazwe yokuvulwa ngokusemthethweni kwesiShayamthetho eRoyal Showgrounds ngoLwesibili.

IMbube ithe udaba lokubuyisana lungezinye zezigqinamba ezibhekene nelakuleli njengoba kuba nezibhedu zokucwasa ngokobuhlanga eziqubukayo.

“Mabili amagama asetshenzisiwe ukuzama ukuthunga umphakathi owakhele iNingizimu Afrika. Igama lokuqala ngu Reconciliation okusho ukubuyisana. Elinye elisanda kuchuma okuthiwa ngu Social Cohesion nakhona esibone izinhlelo eziningi ebeziqhutshwa nguhulumeni nezinhlangano ezingekho ngaphansi kwakhe. Uma sineqiniso kumele sivume ukuthi okwamanje lezi zinhlelo zombili zisahlulekile ukusiwelisa ngokuphelele esikhathini esiphuma kuso.”

Eqhuba oNgangezwe Lakhe uthe lezinhlelo esezikwazile ukukwenza ukuthi abantu bakwazi ukubekezelana kepha bayahluleka ukwamukelana.

“Uhulumeni kanjalo nezinhlangano ezingekho ngaphansi kwakhe kumele batuswe ngesifiso sabo sokuba kube nokubuyisana ezweni. Nokho kumele bakwamukele ukuthi ukubuyisana lokhu akuyona imihlangano ebanjelwa emahhotela noma emahholo. Ukubuyisana kusho ukuhambelana, ukwazana nokwamukelana kwemiphakathi. Ngamafuphi ngithi, ake kumiwe ngemicimbi ewubukhazikhazi okuthiwa kuyokhulunywa ukubuyisana kuyo, ake kuyiwe kubantu abanenkinga ukuze kugqugquzelwe ukwemukelana.” ISilo siphinde sakhala ngabaholi abafezekisa izinhloso zabo kuqala babeke abantu emuva.

“Cishe zimbili izinhlobo zosopolitiki, kukhona labo abanendaba ngokhetho oluzayo, bese kuba khona labo abanendaba ngesizukulwane esizayo.

Inkinga yaloluhlobo lokuqala wukuthi kalunendaba nokunye, ukucabanga nokwenza kwalo kuncike eminyakeni emihlanu. Lingasha izwe ngonyaka wesithupha yena ubuka kule emihlanu. Ngeshwa loluhlobo yilo oluningi nolunamandla ngoba kulo umlomo yishoba lokuziphungela.”

Sichaza labaholi sithe bagweve nezikhundleni futhi kungachitheka igazi kunokuba kuphume bona.

“Kubo umasipala ungawa inqobo nje uma lokho abafuna ukukuzuza eminyakeni leyo emihlanu kuzokwenzeka. Ngesabo isikhathi ohulumeni bangena ehlazweni ngoba bona kabanendaba nesithunzi sikahulumeni, okwabo wukubheka lokho okuyinzuzo kuleminyaka emihlanu abaqokelwe kuyo.”

Siqhube ngokuthi isifundazwe saKwaZulu Natali sidinga abaholi abangeke bavume ukuba izwe lifele ezandleni zabo. Siphinde sabalula nezinhlaka zobuKhosi nazo esithe sezingenwe wumdlavuza wenkohlakalo.

“Kuthengiswa iziza ngomgunyathi, kwenye inkathi umkhonyovu ufaka ngisho izikhulu zikahulumeni nosopolitiki kwenza kube lukhuni ukukholwa ukuthi abanye balaba bantu kubafanele ukuba babe yingxenye yobukhosi.”

More photos on page 26

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/South Africa

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.