Isimi ngomumo iBanyana Banyana Imidlalo ye-Banyana Banyana kuma-Rio Olympics imi kanje isiyonke:

2016-07-27 06:00

I-BANYANA Banyana seyimi ngomumo emva kokuthi umqeqeshi uVera Pauw ememezele iqembu labadlali azohamba nalo belibangise kuma-Olympics eRio.

Abadlali baleliqembu kanye nezinsephe ezake zayibamba kuleliqembu iminyaka eminingi bancome uPauw ngabadlali abaqokile bathi iBanyana Banyana izobe ingelinye lamaqembu azobhincisa nganxanye abaningi eRio.

Umdlali wasesiswini owayeyisibabuli ku-Banyana Banyana uPortia “Bashin” Modise akakhali kangako ngeqembu.

“Mina ngokwami ngithi umqeqeshi ukhethe kahle kakhulu. Nabadlali abakhethile banesipiliyoni, okuhle nje ukuthi bancane abasha kodwa kulungile ngoba amasotsha amadala azobahola. Isipiliyoni sabakade baqala kuleliqembu sizosiza kakhulu. Mina ngiyakholwa ukuthi leliqembu liqinile futhi lizohlupha abaningi eRio,”kusho uModise.

Owaqeqesha leliqembu iminyaka eminingi noseke wasebenza njengosomaqhinga kuSafa uFran Hilton- Smith uthi uMzansi wonkana kufanele umbongele lomqeqeshi neqembu lonke ngendlela abasebenze ngayo kanzima ukuze bakwazi ukuya kuma-Olympics eRio (Brazil). Lentombi endala ithi iBanyana Banyana kulokhu ibukeka ibhalanse kahle futhi ihlome kuzo zonke izinhlaka. “Lomqeqeshi ubenociko, ubuhlakani, nobuchule obukhulu abusebenzisile ukukhetha iqembu eliya eRio. Mina angikhali ngalutho, sekuyoshiyana ukwenza. Into engiyithandile ukuthi cishe zonke izindawo zikhavekile ngabadlali abambalwa. Uma kukhona olimalayo angeke kufane nozamcolo kodwa kukhona abanye abayokwazi ukungena badlale,”kusho uHilton-Smith.

Sebebonke abadlali abakhethiwe nabazohamba bangu 22 kanti umqeqeshi ukwazile ukugcina iningi labadlali akade eye nabo e-USA ukuyodlala imidlalo yesihle emasontweni ambalwa edlule.

UPauw uthi ukukhetha iqembu lokugcina elizomela uMzansi eRio bekunzima kakhulu futhi ubonga wonke umuntu osize leliqembu.

“Bekuwumsebenzi onzima nongithinte kakhulu emoyeni. Ukube bengizenzela bengizohamba nabo bonke abadlali abadlalile kwiBanyana Banyana ngesikhathi sisalwelwa ukuya kuma-Olympics eRio. Bonke bebezimisele futhi badlale indima enkulu eqenjini.”

Abadlali abakade bayibamba ishisa kuleliqembu nasebethathwa njengezikhokho zakhona abafana no Roxanne Barker (28 caps), Nothando Vilakazi (86), Janine van Wyk (131), Noko Matlou (124), Leandra Smeda (60), Amanda Dlamini (100 – nowayengukaputeni eLondon), Refiloe Jane (62), Nompumelelo Nyandeni (125), Robyn Moodaly (14) kanye no Sanah Mollo (69). Kuzokhumbuleka ukuthi iBanyana Banyana iku Group E kanti inamazwe afana no Sweden, China kanye neBrazil. Iningi labahlaziyi lithi lamazwe noma lapho ukhona uMzansi (Group E) kunzima kakhulu.

Wednesday 3 August

Sweden vs South Africa

Olympic Stadium

13h00 (18h00 SA Time)

Saturday 6 August

South Africa vs China

Olympic Stadium

19h00 (12h00 midnight SA Time)

Tuesday 9 August

South Africa vs Brazil

Amazonia Arena (Manaus)

21h00 (02h00 Wednesday, 10 Aug SA Time).

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.