Isinqumo sebheyili ecaleni losolwa ngokusoconga abe-ANC

2016-07-20 06:00
PHOTO:nokuthula khanyile Amalunga e-ANC abebhikisha ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sebheyili.

PHOTO:nokuthula khanyile Amalunga e-ANC abebhikisha ngaphandle kwenkantolo ngesikhathi kuqhubeka ukulalelwa kwesicelo sebheyili.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KULINDELWE ukuba namhlanje inkantolo kamantshi eMgungundlovu ikhiphe isinqumo ngebheyili ecaleni lokubulala eselidonse amehlo abantu abaningi elibhekene noMbuyiseni Shabalala (40).

Ngesikhathi evela enkantolo ngoLwesihlanu olwedlule, kufundwe incwadi efungelwe ka Jabulani Nene onguNobhala wegatsha ku ward 15. Lencwadi efungelwe ibiqinisekisa ukuthi uShabalala kwenzeka lesigameko sokubulala nje ubengeselona ilungu le-ANC kodwa ubeseyilungu le-EFF.

UNene kulencwadi uveze ukuthi uShabalala wabe engumgcinimafa kuleligatsha kusukela ngonyaka ka 2011 kanti isikhundla sakhe siphele ngo- Okthoba wonyaka ka 2015.

“Emuva kwalokho ubesefaka umoya kwamanye amalunga ukuthi angabe esayihambela imihlangano yenhlangano. Yena ugcine ukuhambela imihlangano ngo Febhruwari nonyaka sabe sesithola ulwazi lokuthi akaselona ilunga lenhlangano ngoba futhi ubengafaki izixoliso uma engazanga emihlanganweni njengoba kwenziwa ngokomgomo,” kusho uNene kulencwadi efungelwe.

UNene uphinde waveza ukuthi uShabalala mhlaka 5 no 6 kuMashi nonyaka wazama ukuvimba amalungu enhlangano ka ANC ayenxenxa abantu ukuba bayobhalisela ukuvota.

Ummeli kammangalelwa uPhumlani Fakude uziphikisile lezinsolo wathi umsolwa uyilungu le-ANC njengoba agcina ukuvuselela ubulunga bakhe ngonyaka ka 2014.

“Lesitatimende asisho lutho, asicacisi ukuthi umsolwa uyilunga le-EFF kanjani. Ingabe uvela ngaphansi kohlu lwamagama amalunga e-EFF? Akukho esikushoyo noma esikuqinisekisayo. Umsolwa uyilungu le-ANC futhi igama lakhe liyavela ngaphansi kohlu lwamagama amalunga esifundeni saseMoses Mabhida,” kusho uFakude.

UFakude uthe umbuso awunalo icala eliqinile ongashushisa ngalo ummangalelwa njengoba ekugcineni ushaye ingwijikhwebu wathi uyilungu le-EFF.

UFakude ephetha uthe umsolwa kufanele inkantolo imunike ibheyili njengoba bungekho ubufakazi bokuthi unenjwayezi yokwenza amacala .

“Umbuso awunalo icala eliqinile ongashushisa ngalo ummangalelwa njengoba ekugcineni ushaye ingwijikhwebu wathi uyilungu le-EFF. Lokhu kungubupolitiki futhi kuveza ukuthi uhlangothi lombuso lugcwele ngezinto ezingelona iqiniso.”

Umshushisi uThandeka Mkhize uthe umsolwa kufanele anganikwa ibheyili ngoba angabaleka angabuyi ukuzobhekana necala lakhe.

“Uyazi uma icala limlahla angadonsa isikhathi eside, ukuthi akanazo izincwadi zokuvakasha ngaphandle ngeke kumvimbe ukuthi abaleke.”

UMkhize uphinde wakhalela ukuphepha kofakazi uma umsolwa kwenzeka enikwa ibheyili.

“Uma ummangalelwa ededelwa kuyobeka engcupheni ukuphepha kofakazi kanye nemindeni yabashonelwa njengoba behlala endaweni eyodwa. Uma enganikwa ibheyili ubani owaziyo ukuthi kungenzekani kofakazi,” kusho yena.

Ephetha uthe ukudedelwa kukaShabalala kungaphazamisa ukuvikeleka kwabesifazane emphakathini.

UShabalala ubheke necala lokubulala uBadedile Ntshapa (54) noPhetheni Ngubane (60) abadutshulwa bevela emhlanganweni wegatsha le-ANC kuward 15 ngenyanga ka Juni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.