Isiyatholakala i-albhamu entsha kaNathi noNkanyiso

2017-07-12 06:00
Abacula owokholo uNathi noNkanyiso bathi icwecwe labo elisha seliyatholakala ezitolo ezidayisa umculo. Isithombe: Sithunyelwe

Abacula owokholo uNathi noNkanyiso bathi icwecwe labo elisha seliyatholakala ezitolo ezidayisa umculo. Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ABACULI bomculo wokholo uNathi Zuma kanye noNkanyiso Miya, abeculo lodumo elithi Fana noJobe, bathi abalandeli bomculo wabo kanye nabathandi bomculo wokholo sebengazifaka izicelo ze-albhamu yabo yesithathu ezitolo ezidayisa umculo.

Lezi zinsizwa zithe isihloko se-albhamu yabo yesithathu sithi Dumisa Phezu Kwesimo Sakho.

“I-albhamu kaNathi noNkanyiso entsha iphumile, umphakathi usungaqala uye ezitolo uyofaka izicelo zayo ngoba lokho kuzo khuphula amathuba okuthi isheshe ifike,” kusho uMiya.

Bathembise abalandeli bomculo wabo ukuthi kulelicwecwe bathe ukwenyusa izinga kanti futhi baqinisekisile ukuthi lizothandwa yiwo wonke umuntu, omdala nomncane ngisho nabantu abathanda umculo we-RnB.

“Ingoma esaqala ngayo eyasenzela igama yile ethi Fana noJobe kwalandela le ethi No Weapon Formed Against Us Shall Prosper, sesibuye ngamandla kakhulu kulena,” kusho uZuma.

Uthe ngale-albhamu babonga uNkulunkulu ngokubalondoloza emkhakheni womculo njengoba sebekwaze ukuqopha i-albhamu yabo yesithathu.

“Inezingoma ezingu-11 ezinye zazo eziyindumiso, kukhona namaculo agqugquzela umuntu, akhuluma nomuntu njenga le ethi Ungazibulali uJesu Unecebo Elihle Ngawe, kukhona ethi Sihamba ngaMandla siPhushwa uMlilo, we are stepping into the next level,” kusho uMiya.

UZuma uqhube wathi le albhamu izothokozelwa yiwo wonke umuntu ngisho nabathandi bomculo we-RnB njengoba kule albhamu kukhona iculo elithi Impilo.

“Ingoma ethi Impilo icishe ibe sa-RnB, imnandi ingalalelwa yinoma ubani ngoba ithe ukuxuba izinhlobo zomculo ezingafani kodwa uma usuyilalela imnandi,” kusho uZuma.

Uthembise abalandeli bomculo wabo nabathandi bomculo wokholo ukuthi balikhuphulile izinga ngale albhamu ngoba njengabaculi bomculo wokholo kumele beqikelele ukuthi izinga labo lihlezi likumgangatho ofanele umkhakha womculo walolu hlobo.

Bathe umdidiyeli wale albhamu uLindani Gumede odume ngengoma ethi Sebekhulume Konke Abakuthandayo kanti ekuyiqopheni baphinde basebenza noBabo Ngcobo kanye noSgwili Zuma.

Baqhube ngokuthi umphakathi ungafaka izicelo ze-albhamu yabo ezitolo ezidayisa umculo njengase Musica noma e-Dakota.

“Isazongena futhi nase Bible Centre kodwa okwamanje sisase zingxoxweni nabo ukuzi ekugcineni izotholakala nakhona futhi,” kusho uZuma.

UMiya uthe uma kukhona abifisa ukuthi behanjiselwe yona i-albhamu ezindaweni abakuzona bengaxhumana nabo enkundleni yokuxhumana u-Facebook ekhasini labo elithi Nathi And Nkanyiso kuthi abantu abafisa ukubabhuka benga bathumelela i-email ku nathiandnkanyiso@gmail.com.

Isihloko sale albhamu, Dumisa Phezu Kwesimo Sakho, sithathelwe engomeni abathe ibhalwe uMiya.

“Le ngoma iduduza abantu ukuthi bengalilahli ithemba kodwa uma benezinkinga kumele bekhulume kuzona, bekhulume nazo bezitshele ukuthi zinkinga zami angisakudingi ukuhlupheka ngidinga impumelelo kuphela,” kusho uNathi Zuma.

Efakazela umlingani wakhe, uMiya uthe: “Sakhula kuthiwa umlomo uyadala sitshelwa ukuthi kumele sikhulume kahle ngoba umlomo uyadala. Sifuna ukugqugquzela abantu sibatshele ukuthi noma ngabe iyiphi inkinga ababhekene nayo bazodlula kuyona.

“Sifuna nokuyibuyisela eBhayibhelini ngokukhumbuza umphakathi ukuthi uJesu uyahlala endumisweni yabantwana bakhe, uma udumisa, ukhala umtshela izinkinga zakho noma yikanjani zizodlula,” kusho yena.

Bathe okwamanje bazovakashela amabandla ahlukahlukene kusukela ngesonto elizayo kanti futhi umphakathi ungalindela usuku lokwethulwa kwe albhamu yabo.

“Abantu bengasibhalela ku-Facebook uma besidinga emabandleni abo,” ephetha uNkanyiso Miya.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.