Iyiphi ezosifaka ku 2017

2016-12-28 06:01
PHOTO:FACEBOOK UBabes woDumo naye ingoma yakhe eqokwe ohlwini lwezingase zihlukanise unyaka

PHOTO:FACEBOOK UBabes woDumo naye ingoma yakhe eqokwe ohlwini lwezingase zihlukanise unyaka

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

INGABE uma libumbana ihora leshumi nambili mhlaka 31 kuDisemba iyiphi ingoma kulezi ebeziyintandokazi ngonyaka ka 2016 eyosifaka onyakeni omusha? Kulonyaka ubukeka umkhulu umthwalo wokukhetha ingoma esiyohlukanisa ngayo unyaka njengoba ziningi ezidla ubhedu kulesikhathi samanje.

Lokhu kwenza kube nzima ukuqagula ukuthi iyiphi kulezi ikakhulukazi ezisohlwini lwe-Top 10 emsakazweni uKhozi FM okuyiwona olalelwa kakhulu eyozishaya zonke emakhanda imuke nesicoco sokuba ingoma ka 2016.

Uma kuzokhethwa ingoma ezohlukanisa unyaka kuyaye kubhekwe kakhulu kweze-House neKwaito kodwa kuleminyaka edlule itshe seligaya ngomunye umhlathi njengoba nezikaMasikandi kanye neze Hip Hop sezingena kuloluhlu.

Nyakenye ingoma ehlukanise unyaka kube eyezinsizwa ezisakaza kuMetro FM uDJ Sphectacula no Naves lapho behambisana khona noProfessor ethi KOTWAnthem. Lengoma yayincintisana nezinye ezifana noShumaya yeDbn Nyts ft Zinhle Ngidi & Trademark, We Dance Again ka DJ Black Coffee kanye nezinye.

Abantu sebevele baqalile bayaphikisana ezinkundleni zokuxhumana kanye nasezindaweni zobumnandi ngengoma ekungenzeka ihlukanise unyaka. UKhozi FM selivele luzikhiphile izingoma ezisohlwini lwe-Top 10 ezingavotelwa abalaleli.

Ukukhishwa kwaloluhlu kunenge abanye abaculi abakhale ngokuthi bashiywe ngaphandle kodwa izingoma zabo zibe zenze kahle kulonyaka.

Phakathi kwezingoma ezibhekiwe kuKhozi FM kubalwa uBabes woDumo nge Wololo, UDr Malinga Akulaleki, Mroza Van Damme, Bucie ft Black Motion Rejoice, Durban’s Finest ft Professor Umsindo, Musa Mthande, Kwesta ft Cassper Nyovest Ngud’, Ricky Rick Sidlu Kotini, Mpumi Ngfike, African warriors ft Toshi Uyankenteza.

Uma wonke amavoti abalaleli esengenile kuyobe sekumenyezelwa leyo ezishaye zonke emakhanda kuqhathaniswe nendlela edlalwe ngayo kulomsakazi.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.