Izingane kumele zihloniphe, zibeke imfundo phambili

2017-06-21 06:02

MHLELI, kweliwela umfula ugcwele ngicela ungiphe isikhala ngibeke uvo lwami.

Lafa elihle kakhulu,izingane sezaphenduka imidlwembe ngenxa yokuthwala emakhanda amalungelo. Ziyakhohlwa ukuthi amalungelo kawasho ukuthi zingasabi nayo inhlonipho, ziyakhohlwa ukuthi abazali bazo kabazizondi kodwa basuke bezifaka endleleni. Abazali abaningi babhekene nenkinga yokuthi uma befaka izingane endleleni kuthiwa bayazihlukumeza.

Bona labantu abakhala ngokuthi izingane ziyahlukunyezwa abaze bangazitshela ukuthi eyiphi indlela yokuqondisa izigwegwe engekona ukuhlukumeza. Izingane eziningi namhlanje zibheke nezidakamizwa ngoba sekwaphenduka kwaba ikwamhlamba uzalusile abazali bekhona. Abazali bakhule bazi ukuthi inkunzi isematholeni, belindele ukudla izinyoni zabantwana babo, kodwa namhlanje yizo izingane ezibheke ukondliwa abazali nakuba sezindala. Izingane eziningi zephula imimoya kubazali ngenxa yokuthi inhlonipho yomuntu omdala kazisenayo.

Uma sithi umthente uhlaba usamila bekwaziwa ukuthi ingane ihlonipha noma imuphi umuntu omdala, izingane zikhombisa inhlonipho zisencane.

Izingane kuqala bezazi ukuthi umzali akazihlukumezi uma ezishaya, ubezakha, kwazise libunjwa liseva, ubengakwenzi lokho ngoba engazithandi, kodwa ubenzela ukuba zibe ngabaholi bakusasa abahloniphekile nabahloniphayo.

Namhlanje izingane zethu zijaha izinto zabantu abadala, ziyeke ukubeka imfundo phambili. Zikhohlwe ukuthi imfundo inesikhwele kayifuni ukuba uyishebe nezamathandana kanye nezidakamizwa. Abazali babhekene nenkinga yokuphatha izingane zezingane zabo ngenxa yabantu abakhohlisana bebancane bethi bayathandana bengazi lutho ngothando. Bathunyelwa ezikoleni ukuba bayofunda bahloniphe othisha kanti bona bayele ukuyokhohlisana ngothando abangazi lutho ngalo.

Sithi lafa elihle kakhulu ngoba kunjenjenje kungenxa yokubeka amalungelo emakhanda, abantwana bethu bakhohlwe ukuthi inhlonipho ihamba phambili. Izingane zethu zithola abantwana zincane okugcina sekulahleke ubulandu bazo, ingane beyibiza isibongo samama wayo ngoba naye wayitholela ekhaya,nayo ithole enye ezobiza isibongo sikagogo wayo,zigcina zingazazi ukuthi ngezakwabani.

Kunezingane ezizalelwa osizini zigcina zingena ebugebengwini ngoba zitholakale zingahlelelwe. Ubaba wengane akasebenzi, nomama wayo akasebenzi igcina kwayona ikhula ingondlekile emqondweni nasesiswini.

Abazali babhekene nobunzima obukhulu ngoba izingane kazihloniphi emakhaya ziphinda zingahloniphi nasezikoleni. Ziyakhohlwa ukuthi ikusasa lazo lisezandleni zazo. Ziyakhohlwa ukuthi imfundo ingukukhanya.

Abazali bahlala bekhala ngenxa yezingane bayakhohlwa ukuthi ibhayibheli lithi okwenza kumzali wakho namhlanje kuyobuya kuwe sekuphindwe kashumi. Abenza okuhle bayothola izibusiso zivela kubazali nakuMdali. Ukuhlonipha umzali kwenza ube nekusasa eliqhakazile. Ngisho angashona umzali angeke kube nasidingo sokumbhekisa ngakuwe ngezimbuzi ngoba udlule emhlabeni ethokozile ngawe. Mhluphe ke umzali izinto zakho ziyoba mnyama bese ulokhu ufuna ukuba zikhanyiswe ngezimbuzi ezazingekho ngenkathi uphelelwe inhlonipho.

Inhlonipho iyisikhiye sempilo. Lamalungelo ngiyawazonda uma ezoqeda inhlonipho. Kayikho into emnandi njengokuthi ubizwe ungumzali esikoleni ubizelwa ukuzoboniswa imisebenzi emihle yengane yakho, nokubona ingane yakho ikhuthalele umsebenzi wesikole. Okubuhlungu ukubizelwa amacala ayo, nokubona ingane yakho yazi kakhulu iziqephu zakumabona kude ngaphezu komsebenzi wesikole. Bantwana bethu thandani imfundo nihloniphe abantu abadala ukuze nilandelwe izibusiso.

Bongani Mzo Ngubane 1131 B7 Road Ashdown

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

Weird things dogs do

Caught your dog doing something... well a little bit odd? Don’t worry, there’s a simple explanation for his behaviour.

 
 

Paws

Makeover saves dog’s life
For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.