Izintombi nto ezinelungelo lokuveza umzimba

2017-03-22 06:03
PHOTO: facebookUNonhlanhla Qwabe owasusa umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngengubo ayeyigqoke emcimbini wama Metro FM Awards ngenyanga edlule.

PHOTO: facebookUNonhlanhla Qwabe owasusa umsindo ezinkundleni zokuxhumana ngengubo ayeyigqoke emcimbini wama Metro FM Awards ngenyanga edlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

OSEKHALENI lempi yokuvikela amasiko kanjalo namagugu esintu uSolwazi Nomagugu Ngobese ukhuza ukumataniswa komkhuba wabesifazane abaveza imizimba yabo esidlangalaleni nesiko.

Ekhuluma ohlelweni lwantambama olushayelwa uSelby Mkhize no Tshatha Ngobe iWoza Nabangani Bakho uNgobese uthe abantu abamusa ukuqhathanisa lomkhuba wokuhamba nqunu kwabantu besifazane nezintombi ezihlolwayo ezisuke zihamba ngamabele okanye zigqoke ubuhlalu obufishane.

UNgobese uphawule kanje ngesikhathi kukhulunywa ngodaba lomculi wakuleli uNonhlanhla Qwabe obe ngundabuzekwayo emcimbini wamaMetro FM kanye nasezinkundleni zokuxhumana ngengubo abeyigqokile ebiveza ingxenye yomzimba wakhe.

“Isiko aliphelelwa isikhathi, umkhuba ophelelwa isikhathi. Izintombi ezingakaze zibe nangane ezingakaze zoniwe muntu zihamba ngomzimba ngokwesiko lethu lesintu ngoba zisuke zivunwa isikhathi sokuthi azikaze zithintwe, zihlanzekile. Kodwa uma sibheka indlela okugqokwa ngayo namhlanje sekunokubukisa ngokomzimba okunganambithisiseki futhi okungahlangene nesiko.”

UNgobese uthe ukungagqoki kwabesifazane kungafaniswa ne-pornography edayiselwa noma ngubani.

“Zikhona izitolo zabantu abadala zezinto zezocansi, laba abadayisa umzimba phambi kwethu baveze izinqa zabo abanalo igunya, sebaphelelwa isikhathi ngoba abazona izintombi. Kwelinye iphephandaba ngifundile ukuthi kukhona nengane yakhe lona wesifazane esingazike ukuthi uyikhulisa ngayiphi indlela njengoba egqoka kanje esidlangalaleni. Uma sikhuluma ngezigaba zomuntu, uma usungumama awunawo umzimba ongawuvezela umhlaba wonke,”kusho uNgobese.

Eqhuba uthe umuntu uma ezibuka esibukweni enqunu yena yedwa unelungelo kodwa uma esezovezela ubunqunu bakhe umphakathi wonke jikelele akuvumelekile.

“Asikufuni ukuthi uma umuntu esenza izinto zakhe bese ezihlanganisa namantombazane ethu ngoba intombi ibonwa ngebele, isinqa nethanga layo okungakaze kuthintwe umuntu.”

UNgobese uthe ngisho endulo kwakunomehluko wendlela intombi nto nentombi eseyonakele ababegqoka ngayo.

“Uma sibheka umuntu otholele umntwana ekhaya ngisho esintwini wayengenaso ngisho isithebe lokho kwakungenziwa ngoba ayebandlululwa kodwa kwakwenzelwa ukuthi kuze kube lomuntu omonile uyamshada bese engena kahle ke kumakhosikazi.”

UNgobese uthe inkinga enkulu ebhekene nentsha yakuleli ukuthi ithatha imikhuba eyenziwa osaziwayo baphesheya kwezilwandle.

“Noma ngabe sekuthiwa usuhlangene nezizwe kodwa kufanele uziqhayise ngesiko lakho kubonakale ukuthi uvelaphi. Intsha isenkingeni yokuthi kufanele ifundiswe ukuthi ngala kwelengabadi ukuze ube umuntu owamukelekile kufanele ugqoke kanjani hhayi ngoba sibalekela isitayela kodwa ngoba thina singama Afrika. Kukhona lobuntu bethu obuhambisana ngendlela esigqoka ngayo nangendlela esiphila ngayo okudingeka ekugcineni kube nemfundiso ende ukuze sonke sikuqonde lokhu. Umabonakude iwona owenza abantwana bethu bathathe izinto ezenziwa ngezinye izizwe.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

Behind the sparkle

Alluring, beautiful and timeless - diamonds are some of the most sought after gems in the world and are a true testament of everlasting brilliance. Let us take you behind the sparkle to show you the history behind this coveted jewel.

/News
 

Fascinating facts about dogs

Think you know a lot about dogs? How many of these facts do you know?

 
 

Paws

Out with the old dog, in with the new
Play with your pet when you're not at home
How to get rid of fleas
12 Cool cat facts
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.