‘Kayizwa sidalwa i-Nigeria,’ - u-Stuart Baxter

2017-06-21 06:01

UMQEQESHI weBafana Bafana omusha kodwa osebuya ihlandla lesibili, uStuart Baxter uqale kahle ngokuhlula izikhokho zase Africa nezikhuluma kakhulu i-Nigeria ngo 2 - 0 emdlalweni wokuhlungela i-Africa Nations Cup.

Lomdlalo phela udlalelwe ekuhambeni nasenkundleni ethiwa kuse Godswill Akpabio International Stadium, e-Nigeria.

Lomqeqeshi akayidlanga nje i-Nigeria ekhaya kodwa uqophe umlando ngokudla lelizwe okokuqala emncintiswaneni osemthethweni.

Phela lelizwe elimaphakathi ne-Africa laziwa njengezinye sezikhokho zebhola kulelibalazwe futhi nokuhlale kuklodelwana nomzansi kusekude ukuphela.

Phela kuzokhumbuleka ukuthi ngo-1996 kwi-Africa Cup of Nations neyayibanjelwe eMzansi, neBafana Bafana eyagcina isidle umhlanganiso, ama-Nigerians ahlale athi ukuba ayekhona ngabe oshampeni abalibonanga elidlalayo.

Kodwa-ke izikhulu eziningi ze-Safa zihlala zithi ukubhongela emswanini nje komonase abayi-Nigeria.

Imenenja yeqembu uSolly Phasha uthe ibhola laseAfrica lihlala linepolitiki yalo ebhedayo, futhi abahlale nje sebevuma ukuthi uMzansi ubadlile futhi nalomlando omdala usushintshile.

“Phela i-Nigeria ihlala ithi iBafana Bafana ayikaze iyidle emidlalweni noma-ke emqudelwaneni osemthethweni. Mina ngiyazi ukuthi sake sabadla kwi-Nelson Mandela Challenge, kodwa kubona noma lokhu kwathathwa njengomdlalo wesihle,” kusho uPhasha.

Lomqeqeshi uthi ujabulile ukuthi uqale ngewini enkulu nebalulekile futhi kumchazile.

“Phela bekubalulekile ukuhlula i-Nigeria kimina njengomqeqeshi osanda kuthatha izintambo, nomake sengibuya isibili. Futhi ukudla i-Nigeria kusho lukhulu kuthina njengoMzansi,” kusho uBaxter.

UBaxter uncome kakhulu abadlali ngendlela abadlale ngayo nabatshengise ngayo isibindi.

Sekuwumlando omusha-ke manje ukuthi iBafana Bafana ithathe iminyaka engamashumi amabili nane (24) ukukwazi igcine ihlule lezitha, amaSuper Eagles, emdlalweni nasemncintiswaneni osemthethweni.

Umdlali weBafana Bafana nobekade eyiphela endlebeni uTokelo Rantie ushaye igoli lokuqala loMzansi ngesiwombe sesibili.

Igoli lesibili loMzansi lishaywe umdlali weMamelodi Sundowns noshisayo kulezinsuku uPercy Tau sekusele nje imizuzu eyishumi kuphele umdlalo.

Izazi zebhola e-Africa zithi ama-Super Eagles kufanelwe mhlambe ukuthi axolelwe ngoba asanda kuqala ukwakha iqembu elisha.

Amabhuku emilando akubeka kucace ukuthi uBaxter akayizwa i-Nigeria futhi uhlala enalo icebo lokubadla.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

Partner Content
How data is changing investments

Technological disruption is rife in many spheres of business and given the quantity of data available, it’s no surprise that the way in which asset managers work is also changing fast.

/News
 

Does your dog have separation anxiety?

We've got tips, advice and how to help your dog

 
 

Paws

Fascinating facts about dogs
Perfectly captured cat snapchats!
Out with the old dog, in with the new
Play with your pet when you're not at home
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.