Konakelephi ma-Afrika?

2016-02-03 06:00

Ngenyanga edlule inyanga uHluloluhlulayo yethule ingosi yayo lapho ebalule khona zonke izinkinga ezidinga ukulashwa ngokulawulwa yidlozi namakhambi esintu. Kulena yanamhlanje ukhuluma ngezinkinga zabanye abazalelwa emakhaya.

Imvamisa yezinkinga zabazalelwe emakhaya

SIZOKHULUMA ngesihloko esithinta umuntu ozalwa yintombazana ekhaya ingashadile. Sizokhuluma ngezinkinga ezithinta laba bantu ezibonakala zihlupha kakhulu kulesisi khathi samanje, njengoba nabantu abazalelwa emakhaya sebande kakhulu. Cishe yonke imindeni manje isinalo lolu hlobo lwabantu, okuyikho okwenza izinkinga zabo zigqame kakhulu. Mangisho ukuthi noma bekungento esabalele njenganamuhla ukutholakala kwengane ngalolu hlobo kodwa lokhu kuyisimo esidala kakhulu, ngangomuntu uqobo lwakhe. Akuyinto umuntu angazenyeza ngayo nakuba wonke umuntu engakuthokozela ukukhula phansi kwesandla sikayise nonina.

Ukuqala kwezinkinga nezinselelo

Kuvamise ke ukuthi izinto zihambe kahle ekukhuleni kwale ngane uma isencane. Izinkinga nezinselelo ziqala lapho isikhulile, amehlo ayo esevulekile futhi isinemibuzo. Lapho isifuna ukwazi “ isibongo” sayo, okuyisibongo saboka nina ngoba asikho esinye ngaphandle kwaso. Yingane kamkhulu lena, ubaba kanina wayo. Ngisho noma isigana noma isiganwa yethulwa njengengane kamkhulu wayo esigcawini, uma sekuthenyelezwa kukhulunywa nezinyanya zemizi eganiselanayo.

Njengoba sishilo izinkinga ziqala lapho le ngane isikhulile. Isinamehlo. Umuntu esefuna ukwazi ngeyena (identity). Nabantu sebeqala ukumtshela izindaba. Lokhu kokunye kumenze angalawuleki lapha ekhaya, abewuhlupho. Omunye enze izinto ngendlela enobudlabha nobuhlongandlebe, aze agcine ezishintshile isibongo kungasalandelwanga imigudu efanele. Lapho zithi bhe izinkinga.

Kanti mina ngingubani

Masisho sithi inkinga yomqondo leyo lapho umuntu ezibuza umbuzo othi: mina kanti ngingubani (who am I)? Uma esafunda umuntu onjalo uqala ahluphe kuze kukapakele nasesikoleni. Uma esebenza ukuziphatha budlabha kugcina kuphazamise nawo umsebenzi. Nasemphakathini abe luhlupho. Zingene nezidakamizwa. Le ngane isuke ilwa nengqondo. Inemibuzo eminingi eminye ingaphenduleki.

Ezikhathini eziningi uma ingane ibhekene nalesi simo, kuye kuthiwe iyihlongandlebe. Kuye kubhekwe yona uqobo, kuthiwe ayiziphethe kahle, kuthi labo abakhanyiselwe ngokwemfundo baze bayiyise kodokotela bengqondo ngoba bekholwa ukuthi kukhona izinto eziyihlupha ngokomqondo, kube nhlanga zimuka nomoya. Kuphela nje baphicwa ukuthi lesi simo kokunye sisuswa yiThongo, leli elinombango ngale ngane okuvamise ukuba elakubo kayise. Lisuke libangisa leli lasekhabonina, lithi nalo ‘limbobo’ kule ngane. Lokhu kwenzeka kakhulu ezinganeni zabafana.

Ingane yomfana nokuqhuba ulibo lwesibongo

Phela ingane yomfana iyigatsha lesibongo nomuzi ngoba yiyo ekwazi ukuqhuba ulibo (family tree). Intombazane yona ayinawo lamandla okuqhuba uzalo. Izingane zabafana izihlupha kakhulu le ndaba. Ingane ivele iphenduke umgulukudu owuhlupho emphakathini nasemndenini.

Okubuhlungu kulesi simo, kuvamise ukuthi kugxekwe ingane yodwa, kuthiwe ayilungile. Uma ingane yonile kuhle isolwe kodwa bese lithi abadala emndenini babheke bajule ukuthi iyini imbangela yalesi simo.

Inqubo okufanele ilandelwe

Imithetho nenqubo yokuphatha lezi zingane ibekiwe kodwa manje isuke ingalandelwa. Abantu baphika ngokuthi le ngane eyami mayize kimi. Kokunye engazange ahlawule ngisho ukuhlawula, engazange awugeze nomuzi womnumzane lapho ekhulelise khona. IThongo livame ukulwa libange uma kunesimo sokusolana nokwedelelana. Abanye uzwa bethi lengane ngayitholela ekhaya kodwa sashada noyise, yini pho kube nje. Cha nayo akusiyo eyakubo kayise, eyasekhabonina. Nayo idinga umcikilisho wayo, kungenjalo ekagogo nomkhulu ekhabonina. Noma ngabe wanikwa yona ngesihle wena mkhwenyana ngoba usulobolile, washada nendodakazi kodwa yona ingane isengeyalapha ekhaya ngokweThongo. IThongo lingabantu abaphila phansi komthetho. Akukho eThongweni ukuthi nalo liyabona. Alisibo abantu bomhlaba banamhlanje abazibonelayo, othi uma ubeke isithebe noma ithileyi phambi kwabo waphuma, uthi uyabuya hhawu sebephezu kwako loko okusesithebeni noma ethileyini.

Ubuthatha

Sesiphetha ngifisa ukunika bonke abanalezinkinga ithemba lempilo ngoba phansi komthunzi welanga ayikho inkinga engenaso isixazululo asibekele abantu uMvelinqangi. Imithetho yempilo ingeyakhe futhi uthi angeke ayishintshe koze kuphele umhlaba. (Matewu 5 vs 17 & 18) Iziwe zonke zinenqubo yokuphila kwazo, ehlukile kwesinye nesinye okwenza zibe namasiko ahlukene ngoba kusuke kulandelwa umthetho. Yiwo umthetho nenqubo namakhambi Nkulunkulu aphilisa abantu.

• Oshicilelweni oluzayo sizoyiqhuba le ndaba yethu . UHluloluhlulayo utholakala ku-072 957 9388 noma abhalele i-Echo ku-news@myecho.co.za noma ku-PO Box 362, PMB, 3200.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.