Konakelephi ma-Afrika

2016-04-06 06:00
PHOTO: sourced  Eminye yemithi esentshenziswa yizinyanga nezangoma ukwelapho izifo nezinkinga ezahlukene.

PHOTO: sourced Eminye yemithi esentshenziswa yizinyanga nezangoma ukwelapho izifo nezinkinga ezahlukene.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

Eyabazalelwe ekhaya iyaqhutshwa

Ukuphathwa kukayise wale ngane nabakhona

NGINGAKAGXILI nje kulokhu mangisho ukuthi ubuhlobo phakathi kwezibongo ezimbili bakhiwa phezu kwesisekelo sokuchitha igazi nokuthelana ngezinyongo, kucolwana. Uma kugananwa kuyalotsholwa, kuchithwe igazi kucolwane. Isihlobo sakheka phezu kwaleso sisekelo.

Emveni kwaloko sekuzovela omakoti, omkhwenyana, abalingani nokunye. La magama anikwa abantu ehambisana amazinga nokuhlonipheka okunikwa abantu lapha ekhaya (status). Lokhu kungumthetho wedlozi noMvelinqangi. Ingani idlozi liyakwazi ukubuza umakoti wezinkomo lapha ekhaya uma engazange asine ukuthi le ntombazane egcaluza lapha ekhaya ngeyakwabani. Libuza lazi kahle ukuthi umakoti lona kodwa ngoba isiko legazi nezinyongo aliphelelisiwe, ngokwalo intombazane nje ekhona lapha ekhaya engasahambi. Kokunye libuza lo mbuzo nje seziyabhimba izinto. Uma lingaphelelisiwe isiko kuba njalo uze uphele kokunye umshado. Abaningi ubaphelela bengazi izizathu zokuphela kwawo. Kuvele kusuke uthuli lwezichwe kulaba abaganene, kanti sekuxoshwa lo makoti lapha ekhaya.

Manje konke lokhu sikusho ngoba miningi imikhutshana eyenziwa abantu bengazi ukuthi ithukuthelisa ithongo. Kuthi ngoba naku umntwana ezalise ingane yalapha ekhaya, uyezwa usebizwa ngomkhenyana. Usephuma engena lapha ekhaya emini kwabha ngoba ethi ungumkhwenyana. Uzwe abazali balezi zingane sebebizana ngabalingani. Balingana ngaliphi? Kuhlalwe phansi kubizwana ngomukhwe nomkhwenyana. Lokhu kubangwa amaqili ngokuvamile, abantu abathi uma bezwa ukuthi sekukhona ungiyosho ekhaya, bagijime bacele isihlobo esihle. Bathi sebeyalobola. Ungasicela kanjani isihlobo esihle phezu kwamabibi ecala? Kuhle kudluliswe icala kuqala ngaphambi kokuba kukhulunywe ngesihlobo esihle. Uma ungabhekile mnumzane uzosala nengane engahlawuliwe nentombazane ezele nje engaganile. Uma insizwa inothando, kuhle icele isihlobo esihle kukuhle nje. Uma sekuze konakala akulungiswe umonakalo kuqala. Kungadliwa kanjani ukucela okuhle phezu kwesitsha esingcolileyo na? Lezo zinkomo zenhlawulo uyozikhumbula mnumzane uma umkhwenyana eselobola, uma eqondene nokulobola ngelinye ilanga. Umbuzo omkhulu ke uthi kulesi simo esinje uma intombazane isithola umkhwenyana wezinkomo ngempela umkhipha kanjani ekhukhwini nakulo muzi wena mnumzane lo mkhwenyane mbumbulu? Konke njalo kuzoshaya kule ngane. Intukuthelo yethongo izoshaya kule ngane ngoba yiyo eyisisusa salesi sibhicongo esilapha ekhaya ngokwethongo. Hhawu kahleni ma-Afrika, masibambe umthetho!

>>Umndeni womfana okhulelisile

Njengoba sike sasho ukuthi isisu kuhle sibikwe. Masisho futhi ukuthi uma umfana esivuma kuhle, umndeni womfana ukhuthale ubheke ukuthi izinhlawulo zonke ziyenzeka. Ubuqotho bubalulekile kule ndaba. Uma kungenzeki lokhu sazi ukuthi isiqalekiso nezinhlupheko ziya enganeni. Masiyivikele ingane.

Indaba yenhlawulo yiyo ebaluleke kakhulu ezimweni ezinje. Umbango uba mkhulu kakhulu lapho kungahlawuliwe khona, ngoba lokho kusho ukuthi imizi yomibili idelelene. Lokho kusho impi yamathongo ezoshayana phezu kwale ngane. Lokhu kwenzeni nibe nazi kahle ukuthi akusho ukuthi seninesabelo phezu kwale ngane kodwa nihlawula icala ukuze ingane yenu ekhulelisile ingabi nenkinga phambi kukaMvelinqangi. Akuyekwe futhi intombazane yomuntu ngoba naku isizele, inengane yalapha ekhaya bese iphathiswe okukamakoti. Uma kuyiyo ezilethayo lapha ekhaya, ayinqandwe ngoba lokhu kuphambene nomthetho. Niyothini uma umfana esekhomba enye intombi afuna ukuyilobola? Niyomkhipha kanjani lapha ekhaya lo makoti ozilethile?

Masiyiphethe le ngxoxo yethu ngokuthi uma izinkinga nesimo siphoqa ukuthi abuyele kuyise umntwana, kuhle kungaxhanyazelwa. Kahle kulandelwe yonke imigudu kube kuqashelwa ukuthi ithongo liyahambisana yini nalesi simo. Umntwana onjena uyakhokhelwa uma kuqalwa izingxoxo ezimbuyisela kuyise, zimkhipha lapha ekhaya. Sekukhokhelwa yena umntwana manje ngenkomo eqondene naye ezothulwa emsamo kanye nesicelo sakubokayise. Makudlule isikhashana kulindwe uvo lwabalele, oluyoqhamuka ezinhlanyeni noma ebuthongweni ngamaphupho.

Uma indlela ikhanya, sekuzoyiwa emsamo nesilwane sokumcelela indlela ukuba akhululwe. Uzonikwa isiphandla athelwe nangenyongo andube aphume. Uma kungumuntu osemdala esenamandla akhe naye kuhle azibongele ngesilwane kwabalapha ekhabonina, abalele ngokumkhulisa kwabo. Income akhishelwa yona umntwana kulesi simo abanye bayibiza ngokuthi inkomo yesondlo. Uma esefika lapha kubokayise, uzobe esengeniswa amukelwe futhi nakhona ngesilwane, kuchazwe emsamo ukuthi ungubani.

Aphinde afakwe isiphandla sakhona, athelwe ngenyongo ngaphambi kokuthi enzelwe lonke imikhuba yakhona. Ingani phela uyemukelwa.

*Inyanga uHluloluhlulayo utholakala ku-072 957 9388 uma unemibuzo noma ufuna ukuxoxa naye ngasese.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.