Kubhekeke lukhulu kuMajita naMajimbos

2016-03-02 06:00

INHLANGANO ephethe ibhola eMzansi iSouth African Football Association (Safa) ibukeka izimisele ukusiza ama qembu esizwe labafana abangaphansi kweminyaka engamashumi amabili, SAU20, edume ngelaMajita kanye nelabangaphansi kweshumi nesikhombisa (SAU17), Amajimbos, ukuze baphumelele emiqhudelwaneni elandelayo.

Phela Amajita azobe edlala emqhudelwaneni ozoqala kusasa ngoLwesihlanu kuya zingu-12 kuMarch kulo nyaka eZambia. Kanti Amajimbos azodlala emqhudelwaneni we-U17 Championships kusukela zi-2 kuya ku-17 ku-April kulo nyaka eMadagascar.

Kuyoyonke le miqhudelwano, amazwe amane ayofika kweyamanqamu (finals) noma amane ayoqeda ephezulu ayomela i-Africa yonkana kwiFifa World Cup ngonyaka ozayo ngokuhlukana eKorea nase-India. Iqembu laMajita libe nenhlanhla yokungadlali imidlalo yokuhlungela kule miqhudelwano, kodwa-ke abhekeke ukuthi adlale nozowina phakathi komakhelwane iNamibia neSwaziland nokuyothathwa njengomlenze wokuqala.

Kubikwa ukuthi umlenze wokuqala uyoba zingu-20 kuya ku-22 kuMay, bese kuthi owesibili ube zili-10 kuya-12 kuJune. Kanti Amajimbos wona azobhekana nozowina phakathi kweTanzania neSeychelles zi-5 kuya zisi-7 kuNcwaba La mazwe ayophinda ahlangane emlenzeni wesibili, oyodlala ngempelasonto zingu-19 kuya ku-21 ku-August.

Umqeqeshi waMajita uThabo Senong uthi yena uyathemba ukuthi iqembu lakhe liyodlalisa okwamadoda nangokuziqhenya emqhudelwaneni wase-Africa futhi kuyathokozisa ukubuyela khona.

“Sisethubeni lokudlulela kwi-U20 Afcon, kodwa njengoba sonke sazi, angeke kube lula. Kuzofuneka sizilungiselele ngempela futhi namalungiselelo ethu ahambe kahle. Kuyofanele sinqobe emidlalweni yethu uma sesidlala neNamibia noma neSwaziland. Sesiqalile ukuhlanganisa izinsuku esizoziqeqesha ngazo ekhempeni.

“Zisokhempa kabili, ngaphambi kokudlala le midlalo kusukela ngoMay.

Njengeqembu laseMzansi eliziqhenyayo sifuna ukuba njengelinye lamazwe angathintwa nashaya kwasani,” kusho uSenong.

Kanti nomqeqeshi we-U17, uMolefi Ntseki, naye uthi ukudlala kule miqhudelwano ese-Africa kuyaqinisana futhi kwenza ufunde izinto eziningi ebholeni.

“Sikubheke ngamehlo abomvu ukudlala imidlalo yokuhlungela e-Africa ngoba phela kusho lukhulu ebholeni lethu. Kulokhu sifuna ukwenza kancono nezinga lethu lithi xaxa.

“Ngibona sengathi umzuliswano wethu wesibili uzocisha ufane nowangonyaka ka-2014 lapho sadlala khona neTanzania neEgypt,” kusho uNtseki.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.