Kubhikishe abasebenzi bakamasipala abangotoho

2016-09-21 06:00
PHOTO: nokuthula khanyile Abasebenzi akade bebhikisha ngaphandle kwase City Hall ngoLwesithathu olwedlule.

PHOTO: nokuthula khanyile Abasebenzi akade bebhikisha ngaphandle kwase City Hall ngoLwesithathu olwedlule.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

BABHIKISHE ngaphandle kwase-City Hall ngoLwesithathu olwedlule abasebenzi bamasipala abangotoho bekhala ngokuthi bayaxhashazwa futhi abaqashwa ngokugcwele.

“Ungawenzani nje uR1400? Imali ongakwazi ngisho ukuthi uqede inyanga ngayo. Sinemindeni ekufanele siyondle, sifundisa izingane futhi kufanele size emsebenzini asikwazi ukwenza zonke lezinto sisahola amakinati,” kusho omunye umsebenzi.

Labasebenzi bathi abakwazi nokuhlelela ikusasa labo ngoba kungenzeka umasipala angazivuseleli izinkontileka zabo.

Abanye bathe sekuphele iminyaka ebalelwa kwemihlanu bengotoho futhi baholelwa nemali engagculisi.

USihlalo wenyunyana i-Municipal and Allied Trade Union of South Africa (Matusa) uNduduzo Madima uthe umasipala woMsunduzi uphula umthetho njengoba uholela abasebenzi amakinati.

“Akukwazi ukuthi abasebenzi bangaqeda iminyaka emihlanu kuya phezulu bengotoho.

“Akekho umsebenzi ekufanele aqoqe udoti kuze kuphele iminyaka elishumi engaqashiwe ngokuphelele. Abasebenzi baholelwa imali engu R2000 nokuphambene nomthetho njengoba inhlangano eyengamele omasipala iSalga ithi abasebenzi kufanele baholelwe okungenani uR6000 kuya phezulu.”

UMadima uphinde waveza ukuthi umasipala uqamba amanga ngokuthi usuqashe ngokugcwele abasebenzi abangu 100% kulabo akade bengotoho.

“Lokhu kungamapunge ngoba akuzange kuqashwe ngisho u50% wabasebenzi abangotoho. Abasebenzi basagcindezelekile eMsunduzi njengoba bengaphezu kuka 1000 abasabambe njengotoho.

“Labasebenzi abakwazi ngisho ukuthatha ama-leave ngoba abaqashiwe ngokusemthethweni.”

Phakathi kokunye athe bakhala ngako abasebenzi abangotoho abangu 740 abasebenza emawadini nathe kusukela ngonyaka ka 2012 abakaqashwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Convicted cop killer 'sorry'

2016-09-29 05:44

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.