Kubhikishe imphakathi ngenxa kagesi

2017-06-28 06:01
Umphakathi wase Buffer nowase Slangspruit ubhikishe wavala umgwaqo ukhala ngogesi ophele endaweni ngoMgqibelo.

Umphakathi wase Buffer nowase Slangspruit ubhikishe wavala umgwaqo ukhala ngogesi ophele endaweni ngoMgqibelo.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGOMSOMBULUKO ekuseni umphakathi wase Buffer nase Slangspruit ubhikishe wavala umgwaqo ongenela kulezindawo ngamathaya avuthayo ukhala ngogesi othe uphele ngoMgqibelo, ngomhlaka 17 kuJuni.

Lomphakathi ubungakhalazi ngogesi kuphela njengoba ababhikishi bethe ezinye izikhalo zabo zimayelana nokuphela kwamanzi kusukela ngoLwesine oledlule kuya kuMgqibelo, nangezindlu zangasese abathe zigcwele ziyaphuphuma njengoba umasipala ungazimpompi.

“Sifonele kwamasipala izikhathi eziningi sikhalazi ngamanzi nangogesi kodwa abasinakekeli, baningi abantu abafonile,” kusho omunye wababhikishi uSibusiso Xulu ohlala e-Buffer.

Uthe ngeSonto, ngomhlaka ka 18 kuJuni, umphakathi ubenomhlangano nekhansela lendawo, uSibongile Mcwango, ehholo lomphakathi. “Ukhansela usitshele ukuthi okwamanje abekho abantu abasebenza ngogesi kwamasipala yingakho ungekho. Uthe naye akazi ukuthi ugesi uzobuya nini,” kusho uXulu.

Elinye ilungu lomphakathi, uZola Nyembezi, likhononde ngamaphoyisa lathi akuqondakali ukuthi kungani ekhethe ukusebenzisa izinhlavu zenjoloba kanye nesisa esikhalisa unyembezi yize ababhikishi bengalimazanga muntu noma impahla yomunye umuntu. “Akekho oke wathatha ithuba lokuthi alalele ukuthi kungani abantu bebhikisha.

Abantu badiniwe, sekuphele izinsuku ezintathu singenawo ugesi futhi into embi kakhulu ukuthi siyawa khokhela ama-rates kanti nogesi futhi siyawuthenga kodwa kunokuthi umasipala uthumele umuntu ozobhekana nalolu daba bathumela amaphoyisa,” kusho uNyembezi.

Bathe asikho isimemezelo esenziwa umasipala nayikhansela ukuxwayisa amalungu omphakathi ukuthi amanzi kanye nogesi kuzophela nokuthi imbangela yalokho yini.

“Ukudla kuyabola emafrijini, izingane azikwazanga nokuthi ziye esikoleni, abanye abakwazanga nokuthi baye emsebenzini. Sisenkingeni ikakhulukazi njengoba kungubusika, kuyabanda, bathi siphile kanjani?” kusho uNyembezi.

Unina wezingane ezixhilwe yisisa esikhalisa unyembezi, uThabisile Zungu, uthe akaqondi ukuthi kungani amaphoyisa ekhethe ukujikijela izingane zakhe ezincane ngaso isisa esikhalisa unyembezi.
“Zenzeni izingane? Zigcine zihanjiswe emtholampilo, ngicele umuntu ozozihambisa. Kumele amaphoyisa achaze ukuthi zijikijelwelani izingane,” kusho uZungu.

Elinye ilungu lomphakathi, uPhumlani Molefe, lithe amaphoyisa alidubule ezinqeni ngenhlamvu yenjoloba yize ebengabhikishi eziqhamukela egaraji likaphethiloli.

Mayelana nesikhalo sokuthi umasipala awuzimpopmi izindlu zangasese, intatheli ye-Echo ikhulume noNtombiyesizwe Mbewu othe eyakhe isigcwele ngendlela yokuthi akuselula ukuthi ayisebenzise ngokukhululeka. “Abasho ukuthi yindaba bengazimpompi ezethu, imoto ivele ifike impompe la ethanda khona ihambe ingabe isabuya. Kade zifikile nje ngeledlule zampompa kweminye imizi kweminye imizi zangafika, bathi asifake amanzi sizigovuze izindlu zethu zangasese, siyakwenza lokho, sikhiphe nodoti. Mina leli elasekhaya wonke unyaka odlule alizange lize limpompwe naku lo lutho nje,” kusho uMbewu.

UScelo Khumalo, naye oyilungu lomphakathi, uthe ababikhishi baceliwe ukuthi bengacekeli phansi impahla futhi bengashayi izimoto zomphakathi kuphela bezicele ukuthi zingawusebenzisi umgwaqo.

Ikhansela lendawo, uSbongile Mncwango uthe: “Ngibize umhlangano izolo [ngeSonto] womphakathi ngokulayelwa yiwona umphakathi ungifuna uthi angiwazise ukuthi kwenzakalani. Kunabasebenzi kwamasipala abamisiwe ngokusho kwezimenenja zakwamasipala yingakho bengakwazi ukuwulungisa ugesi. Ngiphinde ngakhuluma nosekela wemeya wathi kukhona imizamo eyenziwayo mayelana nokulunga kukagesi mina angihambe ngiyokwethula emphakathini ukuthi umasipala uyazwelana nabo futhi uzozama ngawo wonke amandla ukuthi ubuye ugesi kodwa naye akazi ukuthi uzobuya nini kodwa bazokuqinisekisa ukuthi umphakathi uyabuyelwa ugesi,” kusho yena.
Okhulumela umasipala waseMsunduzi uThobeka Mafumbatha uthe kusolwa iqenjana labasebenzi bakwamasipala ngokuphela kukagesi.
“Kuyasikhathaza kakhulu ukuphazamiseka kukagesi njengoba sekwenze umonakalo emphakathini yethu. Umasipala waseMsunduzi uhlezi unobudlelwano obuhle nabasebenzi bawo yingakho njengo masipala sifisa ukusho ukuthi kukhona imigudu abasebenzi abangayilandela uma kukhona izikhalo abanazo ngomasipala. Siyabagqugquzela futhi ukuthi belandele imigudu efanelekile futhi esemthethweni,” kusho uMafumbatha.

Uthe umasipala ufisa ukuxolisa ngokuphela kukagesi nokuthi uzama ngayoyonke indlela ukuthi ugesi ubuyele esimeni.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

8 great natural remedies for your pet

Tips and tricks to cure your pet’s itches and coughs, naturally.

 
 

Paws

Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
11 animals before and after they were adopted from shelters
Competition pet grooming – creative or too extreme?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.