Kuboshwe ababili ngecala lesibhambu esingekho emthethweni

2017-09-20 06:00
Isithombe: SithunyelweAmaphoyisa aseHanover abophe abasolwa ababili abatholakale nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Isithombe: SithunyelweAmaphoyisa aseHanover abophe abasolwa ababili abatholakale nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

NGOMGQIBELO, ngomhlaka 9 kuSepthemba, uSayitsheni Zungu noConstable Mkwalala basemaphoyiseni aseHanover babophe abasolwa ababili ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu.

NgoMgqibelo ebusuku uZungu noMkwalala bathole umbiko ngabesilisa ababili abekade besolelwa ukuphatha isibhamu esingekho emthethweni elokishini lase Trustfeed.

Okhulumela amaphoyisa, uKaputeni Gay Ebrahim uthe: “Kuboshwe abasolwa ababili ngecala lokutholakala nesibhamu esingekho emthethweni nezinhlamvu kanti bavele enkantolo yeMantshi yaseHanover ngoMsombuluko, ngomhlaka 11 kuSepthemba,” kusho yena.

Uthe isibhamu sizohlolwa ukuthola ukuthi ngabe sakesasetshenziswa kwezinye izigameko zobugebengu.

Uqhube wathi amalungu e-Vispol yasemaphoyiseni aseMountain Rise athule umkhankaso wokubhekana nobugebengu ngempelasonto, kusukela ngomhlaka 8 kuya ku 10 Septhemba, ukuze kuzoba nokuthula emphakathini engaphansi kwalesi siteshi.

Uthe: “Lomkhankaso uphethe ngokuboshwa kwabasolwa bangu-34 abasolwa ngamacala ahlukahlukene okubalwa kuwona ukuphanga uhlomile, ukugqekeza, ukuhlasela ngenhloso yokulimaza, ukutholakala nezidakamizwa, ukweba kanye nokucekela phansi impahla,” kusho uKaputeni Ebrahim.

Umphathi siteshi samaphoyisa aseMountain Rise, uBrigadier Boxer Pillay uncome amalungu e-Vispol ngomsebenzi awenzile ngempelasonto.

Uthe imikhankaso yalolu hlobo iziqhubeka ezindaweni ezingaphansi kwalesi siteshi saseMountain Rise ukuze kuzoqedwa ngobugebengu kulemiphakathi.

Uqhube ngokwexwayisa umphakathi ukuthi amaphoyisa asethole ukuthi izinga lokudunwa kwezimoto zohlobo lwe-VW Polo liyakhuphuka.

Uthe: “Sithanda ukunxusa abashayeli bezimoto zalolu hlobo ukuba behlezi beqaphele,” kusho uBrigadier Pillay.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
ADVERTORIAL
Competition regulation for a growing and inclusive economy

ADVERTORIAL: The Competition Commission of South Africa is conducting advocacy work in the South African automotive aftermarket industry and has gazetted a Draft Code of Conduct for public comment.

/Sport
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.