Kucijwa abaqeqeshi nonompempe bangomuso

2016-03-23 06:00
ISITHOMBE: SITHUNYELWE Abanye balabo akade beqeqeshwa ukuba babe abaqeqeshi abanamava         ngomuso yiSAB League neSouth African Football Association ngoMqibelo eDurban University of Technology eScottsville. Abanye bebecijwa ukuthi babe onompempe abazothatha zinqumo okuyizo futhi ezizohlonishwa.

ISITHOMBE: SITHUNYELWE Abanye balabo akade beqeqeshwa ukuba babe abaqeqeshi abanamava ngomuso yiSAB League neSouth African Football Association ngoMqibelo eDurban University of Technology eScottsville. Abanye bebecijwa ukuthi babe onompempe abazothatha zinqumo okuyizo futhi ezizohlonishwa.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMA umdlali edlalisa kabi omunye ebhokisini aqhubeka umdlalise kabi ngaphakathi ebhokisin kufunele kube yifree kick noma iphenalithi?

Lona ongemunye yemibuzo ebibuzwa umqeqeshi wonondweba kwiSouth African Football Association (Safa) Tenda Masikhwa ngenkathi ebambe uqeqesho lonompempe ohlelweni lokuqeqesha onompempe nabaqeqeshi beSAB League eDurban University of Technology eRiverside eScottsville ngoMgqibelo.

Lolu qeqesho obeluhlelwe yiSAB ibambisene neSafa lubizwa ngokuthi yiSAB League Skills Camp kanti kuhloswe ngalo ukufukula izinga lomdlalo webhola likanobutshuzwayo emazingeni aphansi eNingizimu Afrika.

Lapha labo abafuna noma asebengonompempe bebefundisa ngezinto ezifana nezixhwayiso ezihambisana nokungaziphathisi kahle komdlali (unsporting behaviour) ukuphuza ukususa ibhola lapho umdlalo usuphakathi (delaying restart), ukudlala kabi ngokuphindelela (persistent infringement) nokuphumela ngaphandle kwenkundla ungagunyaziwe (leaving the field).

Baphinde bafundiswa ngokuphulwa komthetho okuholela ekutheni abadlali bakhishelwe ngaphandle, okungaba ukufela ngamathe, ukusebenzisa inhlamba, ukubamba ibhola ngesandla nokunye okuningi.

Babuye batshelwa ukuthi uma kuyisandla esiya ebholeni, hhayi ibhola eliya esandleni, lapho kufanele khona balibeka phansi ibhola ukuhlawulisa lowo owenze lokho.

Kanti omunye wabaqeqeshi abanamava weSafa Steve Coetzee yena lapho ecija abaqeqeshi ubegxile kakhulu ezintweni abadlali bebhola okufanele babe nazo ukuze babe abadlali abanohlonze.

Ubalule amaqhinga namasu, ijubane, ubuhlakani, amandla ikhono lokujika, ukubekezela, isimo-mqondo, okwenza izinqumo nokucabanga okuyikho nokunye okuningi.

Uthe abadlali uma begxile kulokhu kuyobe bayibambe ngakho kanti lokhu kuyokwenza ukuthi nomsebenzi wabaqeqeshi ubelula.

Ngokwesitatimende esikhishwe emva kwakho konke lokhu kuqeqeshwa, uNkk Ntombi Kholwa weSAB ubongela bonke abebebambe iqhaza kule mfundiso-khono, wathi lokhu kuyigxathu elihambisana nokuthuthukiswa kwebhola emazingeni aphansi.

Bonke labo abangu-140 akade bebambe iqhaza bathole izitifiketi ngokuhambela kwabo le mfundiso-khono. Lokhu kuqeqeshwa kuzoqhubeka izwe lonke kanti amabombo manje sebezowabhekisa eNorthen Cape ngoMbasa. –INTHATHELI YE-ECHO.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.