Kudutshulwe iphoyisa nomfowabo eMbali

2016-11-16 06:00

USALE ushaqekile umphakathi waseMbali Unit 15 emuva kokudutshulwa ngesihluku kwephoyisa nomfowabo ngaphandle kwesango lakubo ngoLwesithathu olwedlule.

UConstable Phumzile Mdunge kanye nomfowabo uSnenkosi Molefe badutshulwe ngaphandle kwesango emuva kokuqubuka kwengxabano.

Laba kubikwa ukuthi badutshulwa uWarrant Officer Mlungisi Khumalo (52) emuva kokungaboni ngasolinye.

Kubikwa ukuthi uMdunge kanye noKhumalo abebesebenza ndawonye esiteshini samaphoyisa ku-Loop Street bebesebudlelwaneni bozothando kodwa izinto zingasahambi kahle phakathi kwabo. Ngosuku lwesigameko kuthiwa uKhumalo wayezoshiya uMdunge kubo ngesikhathi kwenzeka lokhu.

Osondelene naloludaba kodwa ongathandanga ukuba igama lakhe lidalulwe uthe ngesikhathi beme esangweni kwaqubuka ingxabano eyabe isingelelwa uMolefe.

“UKhumalo wayeshaya uPhumzile ngaphandle kwesango kubo kwaze kwaphuma uSnenkosi ngoba ethi uyolamula. Ilapho kwasuka khona uthuthuva,” kusho umthombo.

Kuthiwa uMolefe wayethi uphuma uyobuza uKhumalo ukuthi usithathaphi isibindi sokushaya udadewabo phambi kwesango lakubo.

“Akabange esabuza uKhumalo wavele wadonsa isibhamu wadubula ebhekise kuMdunge noMolefe bashonela khona lapho.”

Kulesigameko kwaphinde kwadubuleka nendodana kaMdunge emlenzeni okuthiwa yenza uGrade 12 yabe isiphuthunyiswa esibhedlela.

Omunye womakhelwane okhulume naleliphephandaba uthe babebuka umabonakude ngesikhathi kwenzeka lesigameko.

“Besisabuka iGenerations ngesikhathi sizwa kuqhuma isibhamu.Ngaleso sikhathi sivele sacisha kwamnyama endlini ukuze sizokwazi ukulunguza ukuthi kwenzekani. Uthi emuva kwalokho kuvele kwaqhuma isililo bathi uma bephuma bonke babona ukuthi isibhamu besiqhuma kwamakhelwane wabo.”

Emuva kwesigameko uKhumalo kuthiwa wabalekile kodw wabika ku-ova wamaphoyisa ngesigameko esasenzekile wathi uzozinikela.

Kubikwa ukuthi NgoLwesihlanu iveni eyayihamba uKhumalo yabonakala emgaqweni uN3 yabe isilandelwa amaphoyisa ophiko lwe-Tactical Response Team kanye nawe Shongweni K9.

Ngokubona amaphoyisa ayesezithendeni zakhe uKhumalo kubikwa ukuthi wabaleka amaphoyisa agcina ngokudubula amasondo emoto ayehamba ngayo.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uCaptain Nqobile Gwala uthe uKhumalo watholakala emotweni esezidubule emlonyeni.

Imizamo yaleliphaphandaba yokukhuluma nomndeni wakwaMolefe ayiphumelelanga njengoba uThabo Molefe obeqokwe ukuthi akhulumele umndeni ethe akukho abafisa ukukusho kwabezindaba.

Izolo (ngoLwesine) amaphoyisa aku-Loop Street ahlangane eCity Hall enkonzweni yesikhumbuzo kaMdunge noKhumalo.

UMdunge noMolefe kulindeleke ukuba bafihlwe ngempelasonto.

Kwesinye isigameko esifuze lesi ngoMashi wonyaka ka 2014 kwadutshulwa kwabulawa uConstable Bongani Lembethe (29) edutshulwa owayenguzakwabo uConstable Thembelihle Ngcobo. Ngo-Ephreli nonyaka uNgcobo wagwetshwa iminyaka emihlanu ebhadla ejele.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/Sport

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.