Kudutshulwe kwabulawa ikhansela laseMkhambathini

2017-09-13 06:00
Isithombe: SithunyelweUNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha koMphakathi eKZN, Mnu. Mxolisi Kaunda edlulisa amazwi enduduzo kunina wekhansela kanye namalungu omndeni wakwaMkhize.

Isithombe: SithunyelweUNgqongqoshe wezokuThutha, ukuPhepha koMphakathi eKZN, Mnu. Mxolisi Kaunda edlulisa amazwi enduduzo kunina wekhansela kanye namalungu omndeni wakwaMkhize.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UMASIPALA waseMkhambathini ngaphandle kwaseMgungundlovu usemakhandleleni kulandela ukudlula emhlabeni kwekhansela lawo.

Ikhansela uMnu. Kwazi Mkhize lidutshulwe labulawa ngesikhathi liphuma ehholo lomphakathi iNkanyezi, liphuma emhlanganweni wangoLwesithathu ebusuku mhlaziyi 30 ku-Agasti.

Amaphoyisa ophiko loKlebe aphenya icala lokubulala kanti bekungakaboshwa muntu.

Okhulumela ihhovisi leMeya uBuyi Mthiyane uthe uMasipala ushaqekile.

“Sibuhlungu futhi sishaqekile ngokuzwa izindaba ezimbi ngekhansela, uKwazikwakhe Mkhize. Akukholakali ukuthi indoda esencane kangaka, eneminyaka engu-34 ubudala, ebisebenza ngokuzikhandla, ayisekho,” usho njalo.

UNgqongqoshe wezokuPhepha koMphakathi KwaZulu-Natal, uMnu. Mxolisi Kaunda unxuse amaphoyisa ukuthi asebenze ngokubambisana kulandela isigameko sokudutshulwa kwekhansela uMnu. Mkhize.

“Kumele sisebenze ngokuzikhandla ukuze kuzoboshwa abathintekayo ekubulaweni kwekhansela lakwa Ward 3 uKwazikwakhe Mkhize, eCamperdown,” kusho uNgqongqoshe. Ubekhuluma emuva kwenkulumo ethulwe u-Cluster Commander esiteshini samaphoyisa aseCamperdown ngoLwesine oledlule mhlaziyi 31 ku-Agasti.

Ngokwembiko yamaphoyisa, ikhansela lidutshulwe umsolwa ongaziwa ngemuva komhlangano womphakathi obungoLwesithathu ebusuku.

UNgqongqoshe uthe ukhathazekile ngokwenyuka kwesibalo sabantu abasebenzela umphakathi ababulawayo esifundazweni saKwaZulu-Natal.

“Akumele sivumele isimo sokuthi isifundazwe sethu saziwe njengendawo ehamba phambili ngokubulawa kosopolitiki. Akumele sivumele izigebengu zizihambele ngokukhululeka emiphakathini yethu,” kusho uMnu. Kaunda.

UNgqongqoshe unxuse amaphoyisa endawo ukuba asebenze ngokuzikhandla ukuze kuzonqandwa abathintekayo kulesi sigameko.

Ukubulawa kwekhansela uMnu. Mkhize kulandela ukubulawa kwekhansela laseRichmond uMnu. Sifiso Mkhize ngomhlaka 29 Juni kophezulu.

NgoMsombuluko odlule, mhlaziyi 29 ku-Agasti, ikhomishana kaMoerane ephenya ngezigameko zokubulala okuhlobene nezepolitiki KwaZulu-Natal itshelwe ukuthi amakhansela e-ANC eRichmond abulawa ngenxa yokungahambisani nenkohlakalo.

NgoMsombuluko ekuseni, ikhomishana ilalele ubufakazi bomele i-Democratic Alliance (DA) endaweni. Ngonyaka odlule, kubulawa amakhansela amane e-ANC, okubalwa kuwona nemenenja kaMasipala yaseRichmond.

USibusiso Sithole wadutshulwa wabulawa ngoMashi esigamekweni okukholakala ukuthi sihlobene nepolitiki.

UDean Macpherson we-DA ubalule amakhansela amane e-ANC aseRichmond abulawa ngonyaka odlule, wabuza ukuthi kungani kungakaboshwa muntu. Uthi kubukeka sengathi amaphoyisa ayathinteka noma avikela abantu abathize.

UMacpherson uthi bonke osopolitiki ababulewe babulawa ngenxa yokuthi baxosha izikhulu ezinenkohlakalo noma ezinikeza abantu abathize amathenda.

Ngeledlule, uMnu. Kaunda uvakashele umndeni kaMnu. Kwazikwakhe Mkhize ukudlulisa amazwi enduduzo emndenini. - Sithunyelwe

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

/Africa
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.