Kufunwa oneminyaka engu 13 odukile

2016-11-16 06:01
PHOTO: supplied UNomvelo Msane odukile

PHOTO: supplied UNomvelo Msane odukile

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UHLALELE ovalweni umndeni wentombazanyana eneminyaka engu 13 ubudala yakwaVulindlela esekuyophela isonto lesithathu ingaziwa ukuthi yashonaphi.

UNomvelo Msane wase Hanley Dam obenza uGrade 7 esikoleni samabanga aphansi iSpringhaven Primary School eNorthdale kubikwa ukuthi waduka mhlaka 22 ku Okthoba kade ehambele umcimbi wokuvaleliswa kwabafundi kulesikole.

Echaza ngokuduka kwendodakazi yakhe, umama kaNomvelo uCelimpilo Shabalala uthe ibihlala nogogo wayo njengoba yena engumuntu obambe itoho eGoli.

“Ngisebenza eGoli mina kodwa kuthiwa wayetshele umama ukuthi emuva komcimbi uyosuka esikoleni aye eMbali eyovakashela ubaba wakhe. Ngathuka uma ngifona ngosuku olulandelayo ngibuza ukuthi ufikile yini kubaba wakhe wangitshela ukuthi akazange afike. Ngaqala lapho ukukhathazeka ngabe sengibuya ngiza ekhaya ukuze sizomthungatha.”

UShabalala uthe indodakazi yakhe kubikwa ukuthi yafika esikoleni kodwa akwaziwa ukuthi yashonaphi emuva komcimbi.

“Umcimbi wokubavalelisa wawungoMgqibelo kanti wazigibelela yena wafinyelela esikoleni. Isikole siyaqinisekisa ukuthi wayekhona kulomcimbi owaphela ngehora lesithathu ntambama kodwa akekho owaziyo ukuthi waphuma washonaphi emuva kwawo. Sesimbheke yonke indawo, ezibhedlela zikahulumeni nasemakhazeni kodwa asimtholi. Sikhathazekile kakhulu kodwa sinethemba lokuthi uzobuya ephephile.”

NgoLwesithathu olwedlule lomndeni kanye namanye amalunga omphakathi bebehambe benameka izithombe zakhe edolobheni ngethemba lokuthi kukhona ozovela athi umbonile.

Kuthiwa sekufonelwe zonke izihlobo eziseduze ekungenzeka ukuthi ukuzona kodwa zonke ziyazihlangula.

“Ngiyayazi indodakazi yami, angeke ivele inyamalala kanje kungonakele lutho. Ayikaze inyamalale ngalendlela kunalokho uma izohamba iyacela kuqala. Ayiyona umuntu owuvanzi iyabika uma izoya endaweni ethile. Lesigameko sisiphethe kabuhlungu njengomndeni sinxusa noma ngabe ubani ongaba nolwazi lokuthi singamtholaphi athintane nathi noma namaphoyisa.”

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uKapteni Nqobile Gwala ukuqinisekisile ukuthi kunedokodo lomuntu odukile eliphenywa esiteshini samaphoyisa aseMountain Rise.

Kunxuswa abamfanisayo ukuba baxhumane namaphoyisa aseduze nabo ukuze ezoxhunyaniswa nomndeni wakhe. Okanye bashayele esiteshini samaphoyisa aseMountain Rise bacele uWarrant Officer Mkhize ku 033 387 9618 noma 072 214 7439.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.