Kukhona ushintsho oluzayo kwi-Khosi

2017-06-28 06:00
Usihlalo nomsunguli we- Kaizer Chiefs uKaizer Motaung ukhale ngeqembu lakhe eselihluleke amasizini amabili ukuthola inkomishi eyodwa. Isithombe: Sithunyelwe

Usihlalo nomsunguli we- Kaizer Chiefs uKaizer Motaung ukhale ngeqembu lakhe eselihluleke amasizini amabili ukuthola inkomishi eyodwa. Isithombe: Sithunyelwe

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

JERRY BARNES

USIHLALO nomsunguli weqembu elalaziwa ngesihlabani ebholeni laseMzansi i-Kaizer Chiefs, uKaizer “Shintsha Guluva” Motaung usakhala esikaNandi ngokwehluleka ukuthola ngisho eyodwa inkomishi kumasizini amabili.

Ekupheleni kwalesizini uMotaung ubalise kwaze kwayosa ekhala ngokuthi akukholeki okwenzekile.

LoMnumzane kulezinsuku nangesikhathi ememezela ushintsho olusha nakholelwa ukuthi luzoletha impumelelo ukhala kakhulu ngendlela abadlali bakhe basemuva ebebevuza ngayo.

UMotaung ukhuluma aze akhihlize amagwebu futhi-ke akafihli lutho ukuthi kuningi okufanelwe kuqondiswe noma kuqiniswe ngaphambi kokuqala kwesizini entsha ka 2017/18.

USihlalo uthi noma ngabe uyathanda noma akathandi kuningi eqenjini okufanelwe kushintshwe, ikakhulukazi ebadlalini. Uthi ukungenelwa ngamagoli angamashumi amabili nesishiyagalombili (28) emidlalweni engu 30 kukuveza ngokusobala ukuthi inkulu inkinga emuva.

“Lokho nje kukodwa kuyichaza kuyiqede indaba noma isimo ekade sikusona,” kusho uMotaung. Uthi akufanelwe umqeqeshi uSteve Komphela ngokwenzekile nanokuthi iqembu ligcine liphelele noma liphume isine.

“Ukuqoqa yonke into eyenzekile ukuthi kunesimo esifanele silungiswe ukuze i-Kaizer Chiefs ibuyele kuleya endala esiyaziyo nehlala iwina izinkomishi.”

UMotaung uthi kuyabonakala noma kucacile kufanelwe kutholakale abadlali abazoletha umahluko kanti kukhona nababonakalayo ukuthi sebesindwa yimilenze.

“Kuzoba wumqondo ophusile nobuhlakani ukuqala manje siqalaqalaze sipheshe lapha nalapha ingakaqali isizini.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

Makeover saves dog’s life

Lucky Charlie got a complete make-over that helped him get adopted.

 
 

Paws

For the love of Corgis!
Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.