Kuklomeliswe abafundi eMthethomusha

2016-11-30 06:00
PHOTO: nokuthula khanyile Uthishanhloko waseMthethomusha uMnuz Msizi Gumede, Umhloli uMnuz Mfanafuthi Thango, Wendy Ngcobo behalalisela umfundi kaGrade 5 u-Olwethu Shabane ongomunye wabaphumelele ngamalengiso.

PHOTO: nokuthula khanyile Uthishanhloko waseMthethomusha uMnuz Msizi Gumede, Umhloli uMnuz Mfanafuthi Thango, Wendy Ngcobo behalalisela umfundi kaGrade 5 u-Olwethu Shabane ongomunye wabaphumelele ngamalengiso.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

ISIKOLE samabanga aphansi uMthethomusha kwaMachibisa siklomelise abafundi abenze kahle emcimbini obuhanjelwe abazali kanye nothishanhloko bezikole ezahlukene ngoLwesine olwedlule.

Kulomcimbi waminyaka yonke kunikwe abafundi izindondo kanye nezitifiketi ngokuphumelela ngamalengiso ezifundweni ezahlukene.

Ekhuluma kulomcimbi uSihlalo wesigungu esengamele isikole uMnuz Stanza Zuma ugqugquzele abafundi ukuthi baqhubeke baziphathe kahle nangonyaka ozayo.

“Njengesigungu esingamele isikole sithanda ukubonga othisha ngokusebenza ngokuzikhandla ekufundiseni abantwana bethu, sisebenzisana kahle nabo njengabazali. Sithanda ukunxusa nabanye abazali ukuthi badlale indima yabo uma izingane zifika emakhaya bahlole umsebenzi wazo wesikole futhi bazigqugquzele ukuthi zifunde. Kunina bafundi okubalulekile ukuthi nifunde futhi nihloniphe othisha ngaso sonke isikhathi,” kusho uZuma.

Uthishanhloko waseMthethomusha uMnuz Msizi Gumede ubonge abazali ngokubethemba ngomsebenzi abawenzayo.

“Siyabonga ukuthi niletha abantwana benu lapha ngoba nisethemba. Sichitha isikhathi esiningi nabo, sibonga ukuthi nisethembe futhi siyazibophezela ukuthi sizobakhulisa bagcine kusasa beyinto ekufanele babe yiyo.”

Umhloli weCircuit yase Mbali uMnuz Mfanafuthi Thango ukhuthaze abafundi abangazange baklomeliswe ukuthi baqhubeke nabo basebenze kanzima.

“Nasemjahweni asingeni sonke entambeni ngakho ningadikibali kodwa nani sebenzani ngokuzikhandla ukuze ngonyaka ozayo uma kufika lesikhathi amagama enu ezobizwa. Labo abaya kwezinye izikole ngonyaka ozayo kufanele baqhubeke bamele uMthethomusha ngendlela abaziphatha ngayo nangenhlonipho. Bangafiki ezikoleni zamabanga aphezulu bese beqala benza izinto ezingalungile ngoba ngeke bafinyelele ebangeni leshumi.”

UThango uncome othisha ngokubekezela yize bebuye babhekane nobunzima emsebenzini wabo.

“Sithanda ukubonga othisha futhi sibazise ukuthi kubo bonke ubunzima abazithola bebhekene nabo umnyango ungemuva kwabo. Sicela baqhubeke basebenze ngenhlonipho nothishanhloko kanye nazo zonke iziphathimandla zesikole. Kubazali sicela nabo badlale indima yabo bahambele imihlangano yesikole ngoba isikole sakhiwa yibo. Ukuze isikole sithuthuke siye phambili kufanele abazali bafake uvo lwabo isikole siqhube siye phambili.”

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/News
 

8 great natural remedies for your pet

Tips and tricks to cure your pet’s itches and coughs, naturally.

 
 

Paws

Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
11 animals before and after they were adopted from shelters
Competition pet grooming – creative or too extreme?
Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.