Kumenzela lukhulu ukudayisela ‘abafoshi’

2015-12-16 06:00
ISITHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE UNksz Gugu Yengwa othi ukudayisa ugwayi nokudla eNew England Road Landfill Dumpsite kumusiza kakhulu.

ISITHOMBE: NOMPENDULO NGUBANE UNksz Gugu Yengwa othi ukudayisa ugwayi nokudla eNew England Road Landfill Dumpsite kumusiza kakhulu.

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

UKUDAYISA ugwayi kanye nokudla kungabukeka kuyinto engewona umsebenzi ohlonishwayo noma ofaka imali eningi kodwa lokhu kwenza lukhulu kuNksz Gugu Yengwa owenza lo msebenzi lapho kuladlwa khona udoti eNew England Landfill Dumpsite.

UYengwa waseSobantu kumanje uyalekelela ekufundiseni indodana yakhe uSanele Yengwa (23) ngemali ayithola ngokudayisela abafoshi kanye naye abasebenzisa e-dumpsite. Lona wesifazane uthi uyaziqhenya ngokuthi indodana yakhe efunda e-University of KwaZulu-Natal (UKZN-Howard campus) izogogoda izifundo zayo ngosizo lwemali elutholayo nakuyena ngokudayisa ukudla nogwayi ngaphandle kwe-dumpsite.

UYengwa udayisa uphuthu, inyama yenkukhu kanye nenyama yenkomo. Exoxa mayelana nokuqala kosuku lwakhe njalo ekuseni uthe: “Ngivuka ekuseni njalo ngehora lesihlanu, ngiphekele umyeni wami ukudla. Lokhu ngisuke ngenzela ukuthi akwazi ukusala nokudla azokudla uma ngisuke ngingekho sengihambile ukuyodayisa.

“Njalo ekuseni bayangiphelezele bafike bangishiye lapha emsebenzini bese ngiyaqala ngisebenze ngidayise ukudla. Ukudla kwami ngikudayisa u-R15 ku ‘bafoshi’ bese kuba u-R20 kubashayeli abasuke bezolahla imfucuza.

“Ngilibiza u-R15 ku ‘bafoshi’ ngoba ngiyazi abasebenzi basuke beze kule ndawo ukuzozama ukucosha ukuze bathole imali ezobasiza ukuthi babhekelele imindeni yabo.

“Leyo mali encane engiyitholayo ngiye ngisize nginike indodana yami esenyuvesi ukuze iqhubeke ikwazi ukufunda. Kumina ukuhlala lapha zinsuku zonke ngidayise okuyona neze into encane kodwa kuyinto eyenza umehluko ekhaya, emndenini wami,” kubeka uYengwa.

Akagcini ngokudayisa nje kuphela ukudla kodwa ngenxa yesikhathi eside asesisebenze e-dumpsite usezakhele ukuthenjwa kanye nodumo. Abanye abasuke bezolahla bashiya kuyena izimpahla ukuthi abadayisele zona. Lokhu sekuholele ukuthi aziwe inqwaba yabashayeli abasuke bezothulula imfucuza.

“Sengisebenze iminyaka engu-23 kule dumpsite kanti lokho sekudale ukuthi ngigcine sengazi abantu abaningi. Abanye nabo sebengazi negama kanti lokho sekukhulise nobudlelwano bami nabo. Lokhu engikwenzayo kungabukeka kuyinto encane komunye umuntu kodwa kimina kuyinto engiyithandayo futhi esizayo nasemndenini njengoba ilekelela enyuvesi yendodana yami nokubambisana nodadewethu ongisizayo,” kuqhuba uYengwa.

Uthe uphephile, akanalo noluncane ovalo njengoba enazo nezinombolo zamaphoyisa angazishayela uma ehlangabezana nenkinga.

Uqhube wathi le ndawo uyayithanda ngoba akabangisani namuntu, udayisa yedwa.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.

Inside News24

 
PARTNER CONTENT
INFOGRAPHIC: New thinking required for retirement

Everything we believe about retirement is fast becoming outdated.

PARTNER CONTENT
WATCH: How education can change a life

A university education gives students the chance to create a better future for themselves, their families and to opportunity achieve their dreams.

/News

Book flights

Compare, Book, Fly

Traffic Alerts
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.