Kunikelelwe abafundi e-Ashdown Primary

2017-03-22 06:02
Kungesikhathi kunomcimbi wokunikelela abafundi base Abafundi base Ashdown Primary ngamapheya ezicathulo.PHOTO:nokuthula khanyile

Kungesikhathi kunomcimbi wokunikelela abafundi base Abafundi base Ashdown Primary ngamapheya ezicathulo.PHOTO:nokuthula khanyile

Multimedia   ·   User Galleries   ·   News in Pictures Send us your pictures  ·  Send us your stories

KUTHELEKE abaculi base-Afrotainment kungazelele muntu esikoleni samabanga aphansi i-Ashdown ngoLwesine olwedlule emcimbini wokunikelela abafundi abahlwempu ngamapheya ezicathulo.

UDJ Cndo, DJ Fisherman, Joocy kanye noDuncan bebemenywe ukuba bazoba yingxenye yomcimbi wokubonga abantu abaxhasa abafundi abahlwempu bakulesikole.

Ukunikelelwa kwalabafundi bekuyingxenye yomkhankaso oqalwe i-Greater Edendale Mall obizwa ngele ‘Drop-A-Box’.

Okhulumela iGreater Edendale Mall uSonia Cadlecott ubonge iqhaza elibanjwe abakwaBuilders ekwenzeni lomkhankaso ube yimpumelelo.

“Lomkhankaso uqale ngenyanga kaJanuary sasizibekele ukuthi okungenani sithenge amapheya angu 30 ezicathulo nekwaphela isonto lesibili sesinawo. Umkhankaso wethu siwubone ukhula ngesivinini njengoba emuva kwenyanga bese sinamapheya angu 70. Yilapho ke esicele khona abesitolo sakwaBuilders ukuba nabo baphonse itshe esivivaneni.”

UCadlecott uthe umnikelo wakwaBuilders wenze ukuthi bagcine sebenamapheya angu 244 ezicathulo.

“Amapheya angu 22 anikelelwa iNocols Primary, angu 15 anikelelwa iPhambili Primary, angu 150 anikelelwa i-Ashdown Primary, amanye angu 20 anikezelwa emindenini ehlwempu, amanye futhi angu 20 anikelelwa abafundi abahlwempu bezinye izikole ezahlukene. Ngalomkhankaso siphinde sakwazi nokunikelela abanye abafundi ababili ngomfaniswano wesikole.”

Phakathi kwabanye abanikele ngezicathulo e-Ashdown Primary, umfundi wakhona omdala nosengusomabhizinisi uScelo Zondi. UZondi unikele ngamapheya angu 20 ezicathulo.

Lomcimbi ubuhanjelwe abafundi kanye nothisha baseDenmark nabo abasebenzisana ne-Ashdown Primary ukuxhasa abafundi abahlwempu.

Ubudlelwane be-Ashdown ne-Denmark buqale ngonyaka ka 2010 kanti njalo ngonyaka umfundaze wabo iNorresundby uxhasa lesikole ngemali engalinganiselwa ku R15 000.

“Siyabonga kakhulu kubangani bethu baseDenmark ngokuxhasa abafundi bethu asebesikoleni samabanga aphezulu i-Alexandra High School. Labafundi base-Denmark bazinikele ekwenzeni imisebenzi eyahlukene ukuze bathole imali abazoyithumela lapha eNingizimu Afrika bakwazi ukuxhasa abafundi bethu abahlwempu,” kusho uthishanhloko uDoreen Shezi.

Omunye wabaxhasi be-Ashdown Primary kube isikole samabanga aphansi esizimele i-Cordwalles esinomfundaze obizwa ngele Safire Scholarship othatha abafundi abaphasa ngamalengiso minyaka yonke kulesikole.

Eluleka abafundi uJoocy unxuse ukuthi baqhubekele phambili nemfundo yabo ukuze bashintshe izimpilo zabo. “Kusukela namhlanje akufanele kube khona umfundi ozolova esikoleni ngoba ethi akanazo izicathulo. Sicela nizimisele esikoleni nibambelele emfundweni yenu ngoba iyona ezonivulela amasango.” UJoocy no Duncan banandise kulomcimbi ngezingoma abadume ngazo.

Join the conversation!

24.com encourages commentary submitted via MyNews24. Contributions of 200 words or more will be considered for publication.

We reserve editorial discretion to decide what will be published.
Read our comments policy for guidelines on contributions.
NEXT ON NEWS24X

Inside News24

 
Watch: Investing in the future through child development

An investment of R32-million into 11 early childhood development centres is changing the future for children in the Northern Cape.

Partner Content
What all investors should know about index investing

Index-linked investments are growing fast in popularity globally, and are growing in size and complexity too.

/World
 

For the love of Corgis!

WATCH: 35 Corgi's to make your day! If they’re good enough for the Queen of England they’re good enough for us.

 
 

Paws

Can we communicate with our pets?
8 great natural remedies for your pet
Buying a puppy? Don’t get scammed!
WATCH: These funny animal videos will make you LOL!
Traffic Alerts
Traffic
There are new stories on the homepage. Click here to see them.
 
English
Afrikaans
isiZulu

Hello 

Create Profile

Creating your profile will enable you to submit photos and stories to get published on News24.


Please provide a username for your profile page:

This username must be unique, cannot be edited and will be used in the URL to your profile page across the entire 24.com network.

Settings

Location Settings

News24 allows you to edit the display of certain components based on a location. If you wish to personalise the page based on your preferences, please select a location for each component and click "Submit" in order for the changes to take affect.




Facebook Sign-In

Hi News addict,

Join the News24 Community to be involved in breaking the news.

Log in with Facebook to comment and personalise news, weather and listings.